Lubhalwe nguRorisang Modiba
Isihlabani sikamabonakude uMoshe Ndiki wahlala nomyeni wakhe owamphingela izikhathi eziyisikhombisa ngaphambi kokuba naye agcine ngokungathembeki.
Ngemva kokungaphumeleli komshado wakhe, uMoshe usegxile ekubeni ubaba ongcono kunalowo ayenaye esakhula.
Umlingisi uMoshe Ndiki uthe wahlala nomyeni wakhe ojole izikhathi eziyisikhombisa ngaphambi kokuba agcine enza into efanayo.
UMoshe uvule isifuba ngomshado wakhe owachitheka nomculi uPhelo Bala, owaphela ngo-2020 ngemuva kweminyaka emibili.
UBala udabuka emndenini wodumo waseGqeberha, e-Eastern Cape wezelamani eziculayo.
Ekhuluma ohlelweni i-Engineer Your Life, uMoshe uthe bobabili bafuna izinto ezifanayo emshadweni wabo. Kodwa umyeni wakhe wakudala waba nezinkinga ezaholela ekutheni aphinge ngokuphindaphindiwe.
Ekugcineni ngigcine ngiphinga ngoba ngase ngimxolele izikhathi eziyisikhombisa. Angisoze ngakhohlwa. Ngaphindisela ngokuphinha, esikhundleni sokuthi ngivele ngihambe.,” kusho uMoshe.
Manje uyavuma ukuthi bekufanele asheshe awushiye umshado esikhundleni sokuvumela ukuziphatha okubi kuqhubeke.
UMoshe uthathe ikhefu kwezokuthandana ukuze agxile kuye nalokho akufunayo empilweni.
Okubaluleke kakhulu kuye manje ukuba khona kwezingane zakhe ezimbili. Ufuna ukubanika uhlobo lukababa angakaze abe naye.
“Isithembiso sami kubantwana bami ukuthi ngizoba khona, ngidlale nabo, ngikhale nabo, ngibasekele nanoma yini engingakaze ngiyizwe kubaba wami. Bazozizwela nabo uthando lwami,” ubhale kanje ku-Instagram.
UMoshe uthi uzimisele ngokuba ngubaba osebenza ngezandla owabelana ngazo zonke izikhathi zokuphila nezingane zakhe.
Osesithombeni esingenhla: UMoshe Ndiki.
Umthombo: @moshendi
