Lubhalwe nguRorisang Modiba
- Isihlabani sikamabonakude, uNkateko Mahange, ufuna ilungelo lokukhulisa ingane yakhe ngemuva kokusola isdala sakhe ngokuba yingozi.
- Lezi zithandani zahlukana ngaphambi kokuthola ngokukhulelwa zazama ukusebenzisana ngenxa yengane.
Isihlabani se-The Ultimatum, uNkateko “Kay” Mahange, sifuna ulungelo lokukhulisa ingane yaso, njengoba ethi owayeyintombi yakhe uKhanya Nqolase akumfanele ukuba ngumama.
Lezi zithandani zahlukana ngoNhlaba ngo-2024 kwathi ngokuhamba kwesikhathi bathola ukuthi bakhulelwe.
Kuthe uma bezwa ngokukhulelwa uNkateko wanika uKhanya indandatho yesethembiso wabe esephakamisa ukuthi baye kothola ukwelulekwa ukuze babhekane nezinkinga zabo abahlangabezana nazo kulo mdlalo.
“Ngemuva nje kokuqeda ukuqopha lo mdlalo, mina noKhanya savumelana ngokuthi nakuba singasekho ndawonye, okubalulekile wukuphothula izindaba ezithinta uQhawe (ingane yabo),” esho etshela iZimoja.
“Besimile ekutheni ngeke sibuyelane ngenxa yengane yethu kuphela, ukuze siqonde ukubaluleka kokuphola umuntu ngamunye.”
Kodwa manje uNkateko usekhiphe isitatimende esingamakhasi amathathu esola uKhanya ngokungaziphathi kahle ngesikhathi ekhulelwe, okuhlanganisa ukusebenzisa kabi izidakamizwa nokuba nodlame.
Uthi umhlasele kaningi emshaya ngezibhakela emklwebha futhi emjikijela ngezinto. Uthi ukuqubuka kodlame ngesikhathi ekhulelwe kwabeka yena kanye nengane yabo engakazalwa engozini.
Osesithombeni ngenhla: UNkateko ‘Kay’ Mahange weThe Ultimatum: South Africa.
Umthombo: X
