Dylan Bettencourt
USerena Williams abaningi abamthatha njengomdlali wethenisi wesifazane ohamba phambili emhlabeni, umemezele ukuthi “usezowushiya” lo mdlalo.
Lo mdlali (40) uchaze ukuthi yena akalithandi igama elithi “umhlalaphansi”.
“Kodwa ngizobe ngiqhubeka nezinye izinto ezibalulekile kimina,” esho.
UWilliams usalelwe umdlalo wakhe wokugcina we-US Open kwi-Grand Slam yokugcina yonyaka.
Lo mdlali waseMelika ubuyele enkundleni kowe-Wimbledon kodwa uye wakhishwa ngomzuliswano wokuqala.
Lo mpetha osewine ama-Grand Slam amahlandla angu-23 usewine izicoco eziningi kunanoma yimuphi omunye umdlali wesifazane emhlabeni, kanti usele ngendondo eyodwa ngemuva kwerekhodi likaMargaret Court ngezindondo ezingu-24.
Unokungabaza ngokwephula irekhodi, kodwa wengeze ngokuthi uzokwenza konke okusemandleni akhe e-New York.
“Bengingakakulungeli ukuwina kowe-Wimbledon kulo nyaka. Futhi angazi noma ngizobe sengikulungele yini ukuwina e-New York, kodwa ngizozama,” kubhala uWilliams ekhasini lakhe laku-Instagram.
“Ngiyazi ukuthi abalandeli bafuna ngephule irekhodi likaMargaret ngalolo suku e-London, mhlawumbe ngizolephula e-New York bese ngyavalelisa, emcimbini wezindondo.”
UWilliams uthe ubemanqikanqika ukwamukela ukuthi sekuyisikhathi sokushiya lo mdlalo.
“Mina nomyeni wami u-Alexis asikaze sikhulume ngakho; kufana nesihloko esingavumelekile,” ebhala.
“Angikwazi ngisho nokuxoxa le ndaba kumama kanye nobaba. Kufana nokuthi ayilona iqiniso kudingeka ukuthi uze uyiphimise. Iyavuka, ngibindeke bese ngiyakhala.”
Umsebenzi kaWilliams oncomekayo waqala ngokuwina kwakhe okokuqala i-Grand Slam kwi-US Open ngo-1999 eneminyaka engu-17 kuphela.
Waze wafaniswa nabadlali bethenisi besilisa, okuyinhlamba kwabesifazane abahamba phambili kulo mqhudelwano.
Ukuwina kwakhe kokugcina kwi-Grand Slam kwaba ngo-2017 ngesikhathi ewina i-Australian Open yize ayenamasonto ayisishiyagalombili ekhulelwe indodakazi yakhe u-Olympia.
UWilliams uzwakalise isifiso sakhe sokuba nezingane eziningi esikhathini esizayo kodwa wachaza ukuthi akafuni ukuphinde akhulelwe esasengumsubathi.
“Ngidinga ukungena ngezinyawo ezimbili kwithenisi noma ngiphume ngazo zombili,” esho.
UWilliams uyisikhuthazo kubadlali abaningi bethenisi. Mhlawumbe ngolunye usuku abalandeli bayobona indodakazi yakhe iphakamisa ama-Grand Slams njengoba kwenza unina wayo.
Umthombo wesithombe: @USOpen