Isihlabani sethenisi silahlekile ngemuva kokusola owayeyisekela likaNdunankulu wase-China ngokumhlukumeza ngokocansi

Dylan Bettencourt

Ezinsukwini eziyishumi ezedlule, isihlabani sethenisi uPeng Shuai usole owayeyisekela likaNdunankulu wase-China ngokumnukubeza ngokocansi wabe eseduka.

UShuai uveze lezi zinsolo ezinkundleni zokuxhumana, kodwa wabuye wakususa lokho.

Lo mdlali wethenisi wase-China oneminyaka engama-35 ubudala uthe uZhang Gaoli wamphoqa ukuthi alale naye ngemuva kokumumema ukuthi azodlala ithenisi naye nomkakhe ngowezi-2018.

I-Women’s Tennis Association (i-WTA) inxuse ukuthi kuphenywe ngokuthi ukuphi uShuai, owayengumdlali wokuqala wokudlala kabili. Bamemezele ukuthi lolu daba kumele luphenywe “ngokugcwele, ngokusobala futhi ngaphandle kokuchema”.

Izinkundla zokuxhumana zase-China kanye ne-inthanethi zihlolwe kakhulu. Okuthunyelwe nguShuai kusabalale ngokushesha ngaphambi kokuba akususe ngemuva kwesigamu sehora futhi ukuseshwa kwegama lakhe kwanda kakhulu, kodwa ngakusasa ukuseshwa kwegama lakhe kwabuya kungena miphumela.

Usihlalo we-WTA uSteve Simon esitatimendeni uthe izehlakalo zase-China ezithinta uPeng Shaui ziyakhathaza.

“Njengenhlangano ezinikele kwabesifazane, sisazibophezele emigomeni esasungulwa ngayo, ukulingana, ithuba kanye nenhlonipho,” esho.

Uthe bonke abantu besifazane kufanele balalelwe futhi bangagxekwa, kanti nezinsolo zikaShaui zidinga ukubhekwa njengento ebaluleke kakhulu.

I-hashtag ethi-#WhereIsPengShuai ibisetshenziswa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ezehlukene ezinsukwini ezedlule njengoba ukukhathazeka kuqala ukukhula ngokuphepha kwalo mdlali.

Abadlali abaningana abangochwepheshe basebenzise i-hashtag ukuze baqwashise ngalolu daba ngethemba lokuthi uShaui uzotholakala ephephile ngokushesha okukhulu.

Umthombo wesithombe: @CNBC

Izihloko zakamuva