Isihlabani seSundowns uWilliams ‘urojiwe’ emiklomelweni yeCAF

Ezemidlalo: Isihlabani seMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, siwine izindondo ezimbili zeCAF kodwa okuxakayo washweba kwi-Team of the Year, kubhala uMichael Madyira.

Unozinti weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, ube nemizwa ehlangahlangene ngobusuku bosuku lwemiklomelweni yeCAF ebiseMorocco.

Lo kaputeni weBafana Bafana uhlomule imiklomelo emibili emikhulu – eyokuba ngunozinti Wonyaka We-CAF kanye neyokuba ngumdlali Wonyaka We-Inter-club.

Kodwa ngoMsombuluko ebusuku kwenzeka into eyinqaba. UWilliams uwine umklomelo wokuba unozinti ovelele e-Afrika kodwa wangangena eqenjini labadlali abahamba phambili e-Afrika.

Lokhu kulandela ukuqala kwakhe kahle ngo-2024 ku-Africa Cup of Nations ebise-Ivory Coast, lapho eqokwe njengonozinti ovelele waphinde waqopha umlando ku-Afcon Best XI.

Esikhundleni salokho, unozinti weManchester United, u-Andre Onana, owahlulwa nguWilliams ukuze awine Unozinti Wonyaka, uthole indawo ku-Africa Best XI.

Akuwenzi umqondo ukuthi unozinti ovelele wezwekazi akakwazanga ukungena kuleli thimba Lonyaka.

UWilliams ubenza kahle kakhulu kulo nyaka kangangokuba ubeze waqokelwa i-Yashin Trophy emiklomelweni ye-Ballon d’Or – omunye wemiklomelo emikhulu yebhola.

Uqokwe kuqala kuno-Onana emklomelweni womhlaba kodwa ngandlela thize lo nozinti weCameroon wathatha indawo yakhe kwi-CAF Team of the Year.

Yize kunjalo, ukunqoba imiklomelo emibili yeCAF kukhombisa ukuthi uWilliams ungomunye wonozinti abahamba phambili e-Afrika. Impumelelo yakhe iphinde ikhombise ukuthi iPremier Soccer League yaseNingizimu Afrika ibalwa nahamba phambili e-Afrika.

Esithombeni esingenhla: Unozinti weBafana Bafana kanye neMamelodi Sundowns uRonwen Williams.

Umthombo: Bafana Bafana

Izihloko zakamuva