Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Imboni yeReggae eNingizimu Afrika incane kakhulu, ngakho umculi we-reggae uCarol “Dimahr” Motlhaodi uzakhela udumo ngaphandle kwakuleli.
UDimahr owazalelwa e-Soweto uqokwe njengomculi wonyaka ovelele weReggae kuma-Basadi Music Awards.
Umcimbi uzoba mhlaka-10 kuNcwaba e-Joburg Theatre e-Braamfontein, eGoli, ukubungaza nokuhlonipha abesifazane abasendimeni yomculo eNingizimu Afrika.
UDimahr wake waqokwa njenge-Newcomer of the Year ngo-2023.
I-albhamu yakhe yokuqala i-“The Truth”, idume kakhulu eJalimane nase-Trinidad.
UDimahr waqala umsebenzi wakhe wokuba imenenja yamaciko futhi wayeculela umculi weReggae uBotanist Meesta Lamington.
Wabe esekhipha ingoma yakhe yokuqala eyedwa, i-“Uptown Girl”.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uDimahr uthe ukuqokwa kwakhe kukhombisa ukuthi ikhono lakhe liyabonakala.
“Lolu hambo aluzange lube lula njengomculi ozimele we-Rasta, ikakhulukazi eNingizimu Afrika lapho imakethe nokwesekwa kuncane kakhulu. Kodwa uma sicula kwamanye amazwe siyahlonishwa futhi siyasekwa,” usho kanje.
UDimahr ukholelwa ukuthi liningi ithalente emphakathini wama-Rasta eNingizimu Afrika okudingeka umhlaba ulibone futhi ulazise.
Usebenzisa umculo wakhe ukukhankasela ukulingana ngokobulili nezindaba zemvelo.
Icwecwe lakhe lesibili elithi “Proof of Life”, likhuluma ngezinto ahlangabezane nazo mathupha empilweni. Ubaba wakhe, uNelson Motlhaodi, owayengumholi womphakathi ngesikhathi sobandlululo, washona ngesikhathi kushiswa umuzi womndeni.
UDimahr usenezibazi zokusha azithola kusha umuzi wakubo. Kanti udadewabo uHopolang Nkomo wagwazwa wabulawa yisoka lakhe.
“Icwecwe lami likhuluma ngohambo lwami, isipiliyoni, izinhlungu, ukulahlekelwa kanye nokululama komoya kwami,” kubeka yena.
“Kuningi esengidlule kukho, futhi ngibonga nje ukuthi ngisaphila futhi ngingumqemane.”
Esithombeni ngenhla: Umculi we-Reggae uDimahr.
Umthombo: Uthunyelwe