
Razeen Gutta
UCristiano Ronaldo naloyo ahlekisana naye uGeorgina Rodríguez namhlanje ebusuku bamemezele ukudlula emhlabeni kwendodana yabo eshone ngesikhathi uGeorgina ebeletha.
Umdlali oneminyaka engu-37 ubudala esitatimendeni uthe ukufika kwendodakazi yabo eyiwele lendodana yabo ikhona kuphela okunikeze laba bobabili amandla okuphila nokumelana nalesi sikhathi ngethemba nenjabulo.
Isitatimende sikaRonaldo kwi-Instagram sifundeka kanje “ngezinhliziyo ezibhlungu sithanda ukunazisa ukuthi ingane yethu yomfana ishonile. Lobu ubuhlungu obukhulu obungaziwa inoma imuphi umzali. Ukufika kwengane yethu yentombazane iyona kuphela into esinika amandla okuphila nokwamukela lesi simo ngethemba nenjabulo.
“Sithanda ukubonga odokotela nabahlengikazi ngokusinakekela nokuseseka. Sonke siphatheke kabi ngokulahlekelwa kwethu futhi sicela ukubhekana nayo lendaba njengomndeni njengoba nomfana wami useyingelosi yethu. Siyohlala sikuthanda” kubhala uRonaldo.
Lezi zithandani zamemezela ngodaba lokukhulelwa ngoMfumfu nyakanye ngesithombe abasifaka ezinkundleni zokuxhumana bephethe isithombe se-sonogram.
“Siyajabula ukumemezela ukuthi silindele amawele izinhliziyo zethu zigcwele uthando asisakwazi nokulinda #blessed,” kubhala lo mdlali wase-Portugal.
I-Manchester United kaRonaldo izovakashela e-Anfield ukuyobhekana nezimbangi zayo i-Liverpool kusasa ebusuku njengoba kungakaqinisekiswa ukuthi uzobe ekhona yini enkundleni.