Isihlabani sebhola sizinikele emaphoyiseni ngemuva kwengozi enyantisayo

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi isihlabani sebhola esibaleke endaweni yengozi e-Tembisa ngabo-7.30 ngoLwesithathu ekuseni lapho okushone khona intombazanyana (9) nguShaune Mogaila.

UMogaila, odlalela iSekhukhune United, uzinikele emaphoyiseni ase-Rabie Ridge ngemuva kokubandakanyeka engozini eyenzeke ku-Andrew Mapheto Drive.

Umphathi weqembu uphelezele lo mdlali onekhono ukuya esiteshini samaphoyisa.

I-Scrolla.Africa sishicilele le ndaba namhlanje ekuseni.

Kuhlengwe unina wentombazanyana (9) nendodakazi yakhe (13) abebevaleleke emotweni yabo. Umgilwa (13) uthole ukulimala kanzima waphuthunyiswa esibhedlela i-Tembisa Tertiary.

I-Scrolla.Africa sithole ukuthi uMogaila usuke endaweni yesigameko waya kudokotela ukuze ayoxilongwa ngaphambi kokuba azinikele amaphoyiseni.

Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni, uThabiso Makgato, uthe ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko afice umama nengane yakhe eneminyaka engu-13 ubudala besavaleleke emotweni yabo ngesikhathi umshayeli wenye imoto engekho endaweni yesigameko.

“Sithole amabhodlela amane otshwala i-Don Julio. Siphinde sathola impushana esisola ukuthi i-cocaine, nezinto ezidliwayo ezinensangu emotweni yakhe,” kusho uMakgato.

Uqhube wathi kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso, ukushayela budedengu kanye nokubaleka endaweni yengozi esiteshini samaphoyisa e-Tembisa South.

Esithombeni esingenhla: UShaune Mogaila kanye nemoto ephihlikile yabagilwa.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva