Isihlabani sebhola  sisinde kweyokuzamazama komhlaba

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Kubikwa ukuthi owayengumdlali wasesiswini we-Newcastle United kanye ne-Chelsea uChristian Atsu onyamalale ngesikhathi kuzamazama umhlaba  usetholakele futhi uyaphila.

Lo mdlali (31) wase-Ghana “ukhishwe elimele” ngemuva kokuba esitezi sesishiyagalolunye ebhilidini elibhidlikile futhi manje uyelashwa esibhedlela.

U-Atsu udlalela i-Hatayspor yase-Turkey. Iphini likaMengameli weqembu lithe: “UChristian Atsu ukhishiwe ngaphansi kwemfucuza. Ngeshwa umqondisi wethu wezemidlalo uTaner Savut usengaphansi kwemfucuza,” kusho uMustafa Ozat etshela isiteshi somsakazo sase-Turkey i-Radyo Gol.

Imibiko eminingi ithi abanye abadlali batakuliwe kule nhlekelele.

Iphephandaba lesi-Putukezi i-A Bola libike ukuthi u-Atsu ulimele onyaweni lwangakwesokudla futhi unenkinga yokuphefumula.

Phambilini u-Atsu wayedlalela iqembu lase-Portugal i-Porto.

Elinye lamaqembu ake adlalelwa u-Atsu i-Chelsea libhale umyalezo ekhasini lalo laku-Twitter likhuthaza lo mdlali kanye nabo bonke abathintekile ngoMsombuluko ebusuku.

“Imicabango yawo wonke umuntu kwi-Chelsea inalabo abathintwe ukuzamazama komhlaba e-Turkey nase-Syria,” kusho iqembu.

“Siyakuthandazela Christian Atsu,” bebhale kwi-tweet elandelayo.

Ukuzamazama komhlaba okube ngu-7.8 magnitude okuhlasele e-Turkey nase-Syria ngoMsombuluko sekubulale abantu abangaphezu kuka-5,000.

Esithombeni esingenhla: UChristian Atsu

Umthombo wesithombe: @saddickadams

Izihloko zakamuva