Isihlabani sebhola siphenywa amaphoyisa 

Amaphoyisa asebike ukuthi aphenya umdlali we-Manchester City uKyle Walker ngemuva kokuthi azihlaze endaweni yokucima ukoma ngeSonto ebusuku.

Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala odlala emuva kwesokudla uqoshwe ezama ukukhombisa isitho sakhe sangasese kabili endaweni yokucima ukoma e-Manchester.

Lo mdlali wase-England ufike endaweni yokucima ukoma ngehora lesihlanu ntambama ngeSonto, cishe amahora angu-24 ngemuva kokuba iqembu lakhe lihlule i-Newcastle United ngamagoli amabili eqandeni ngoMgqibelo.

Ividiyo engaphakathi endaweni yokucima ukoma ikhombisa uWalker eqabula omunye wwabesifazaneefika okungeyena umkakhe.

Ngemuva kwemizuzu embalwa uWalker obejabule kakhulu ube esehlisa ibhulukwe lakhe phambi kwalaba besifazane ababili.

Kuyacaca ukuthi lo mdlali ubezele ubumnandi endaweni yokucima ukoma kanti uhambe ngehora lesikhombisa ebusuku, wakhohlwa nokukhokhela utshwala abuphuzile.

Ubuyele emuva ukuze akhokhe isikweletu ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa ase-Cheshire uthe: “NgoLwesithathu mhla ziyisishiyagalombili kuNdasa, amaphoyisa ase-Cheshire aziswe ngevidiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana mayelana nesenzo esingcolole okusolwa ukuthi senzeke endaweni yase-Wilmslow.

“Imibuzo mayelana nalesi sigameko isaqalile kanti bekungakaboshwa muntu okwamanje.”

UWalker unezingane ezintathu nomkakhe u-Annie. Laba bashadikazi bashada kuLwezi ngo-2021.

U-Annie kuthiwa uthukuthelele umyeni wakhe futhi ukhathazekile ngalokhu.

Ukuvela esidlangalaleli ngendlela engafanele kuthathwa njengecala locansi, futhi kuye ngobucayi becala kungaba nesigwebo esiphezulu sezinyanga eziyisithupha noma iminyaka emibili.

Lesi akusona isigameko sokuqala esifana nalesi sikaWalker. Ngo-2020 wephula imithetho ye-Covid-19 ngokumema abantu ngesikhathi sikathaqa.

Uzakwabo we-Manchester City uBenjamin Mendy naye wayephakathi kwingxabano ngemuva kokusolwa ngokudlwengula nokuhlukumeza ngokocansi.

Lo mdlali wase-France watholwa engenacala ekuqaleni kwalo nyaka.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo


Isithombe esingenhla: UKyle Walker

Umthombo wesithombe: Kyle Walker Twitter

Izihloko zakamuva