Isihlabani sebhola silivumile elokukhwabanisa

Dylan Bettencourt

Owayengumgadli weqembu lesizwe lase-Cameroon uSamuel Eto’o ulivumile icala lokukhwabanisa intela yemali engu-R62 million mayelana namalungelo akhe esithombe ngesikhathi esadlalela i-Barcelona.

UMengameli wamanje we-Cameroonian Football Federation unikezwe isigwebo sezinyanga ezingu-22 inkantolo yase-Spain ngoMsombuluko.

Manje u-Eto’o kuzomele ayikhokhe yonke le mali nenhlawulo engu-R30 million.

Abashushisi basole lo mdlali webhola lezinyawo wase-Afrika owawina indondo yomdlali wonyaka amahlandla amane, ngokwehluleka ukudalula imali engenayo ngokudluliswa kwamalungelo akhe esithombe phakathi kuka-2006 no-2009.

U-Eto’o uvele enkantolo yase-Ciudad de la Justicia e-Barcelona nowayeyi-ejenti yakhe uJose Maria Mesalles, onikezwe isigwebo sezinyanga ezingu-12 kanye nenhlawulo.

Inkantolo izwile ukuthi u-Eto’o wadlulisela amalungelo akhe esithombe enkampanini ezinze e-Hungary eyamemezela umholo wakhe kulelo zwe, kanti lingelinye lamazwe anentela ephansi kakhulu eYurophu.

“Ngiyawavuma amaqiniso futhi ngizokukhokha okufanele ngikukhokhe, kodwa ngangisasemncane ngaleso sikhathi nokuthi ngangihlezi ngenza lokho engangikutshelwa owayeyi-ejenti yami uJose Maria Mesalles, engangimthatha njengobaba,” kusho u-Eto’o (41), etshela inkantolo.

Kuthiwa u-Eto’o ungomunye wabadlali bebhola base-Afrika abahamba phambili kuze kube yimanje. Udlalele amaqembu afana ne-Barcelona, i-Real Madrid, i-Inter Milan kanye ne-Chelsea ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi ngo-2019.

Umthombo wesithombe: @Forbes

Izihloko zakamuva