Dylan Bettencourt
Umdlali odlala esiswini wase-France uPaul Pogba uthe indondo yakhe abayiwina kwiNdebe yoMhlaba intshontshwe izigilamkhuba ezigqekeze emzini wakhe ngesonto eledlule.
Uthe bekufana nephupho elibi ngesikhathi etshelwa ukuthi umuzi wakhe ugqekeziwe ngemuva kokwehlulwa kwe-Manchester United kumqhudelwano wemidlalo engu-16 bebhekene ne-Atletico Madrid ngoLwesibili olwedlule.
Izingane ezimbili zikaPogba bezisendlini yakhe nomnakekeli wazo.
“Okungithuse kakhulu ukuthi izingane zami ezimbili bezisendlini nomnakekeli wazo ngesikhathi kwenzeka lokhu,” etshela i-Le Figaro.
“Bekukhona ubucwebe obuvela kumama nemedali yami engayithola kwi-World champion.”
Lo mdlali wasesiswini we-Manchester United uwine iNdebe yoMhlaba ne-France ngonyaka ka-2018 ngesikhathi ihlula i-Croatia kowamanqamu owawusingathwe e-Russia.
UPogba uthe izingane zakhe kanye nomnakekeli wazo basazizwa behlukumezekile ngenxa yokuhlaselwa ekhaya lakhe.
“Umnakekeli wezingane uzwe yonke into, wabe esethinta umkami nonogada, ngemuva kwalokho wazivalela nabafana egumbini. Kusukela lapho usathukile namanje,” kusho lo mdlali.
UPogba waphinde wajoyina i-Red Devils ngonyaka-2016 esuka kwi-Juventus kodwa isikhathi sakhe sokuhlala e-Manchester singase siphinde siphele njengoba inkontileka yakhe iphela ngoNhlangulana kodwa akuqinisekisiwe ukuthi uzohlala yini kuleli qembu.
Njengamanje usekuhambeni ne-France njengoba belungiselela ukudlala namaqembu ase-Afrika, i-Ivory Coast neNingizimu Afrika.
UPogba uthe ukudlalela iqembu lesizwe kufana nokushaywa umoya.
“Ngifuna ukuba nesikhathi sokudlala ukuze ngibuye ngisezingeni eliphezulu eqenjini. Ukugqoka leli jezi, ukumela izwe lami, manje sekuyinto engizigqaja ngayo kakhulu,” kuchaza lo mdlali.
Umthombo wesithombe: @ManchesterUnited