Isihlabani sebhola saseZambia sithole irekhodi lokufuduka e-Afrika

Lubhalwe nguRazeen Gutta

URacheal Kundananji ube umdlali wokuqala wase-Afrika owesilisa noma owesifazane ukwephula irekhodi lomhlaba lokufuduka.

Lo mdlali (23) odabuka e-Zambia wafuduka esuka ku-Madrid CFF waya ku-Bay FC ku-American National Women’s Soccer League ngo-£685,000 (cishe u-R13.7-million).

Le mali idlula irekhodi langaphambilini likaKeira Walsh lika-£400,000 (cishe u-R8-million) esuka ku-Manchester City eya ku-Barcelona eminyakeni emibili edlule.

UKundananji waqala izinsuku zakhe zokudlala esifundazweni sase-Copperbelt e-Zambia eminyakeni eyisithupha edlule. Ngo-2019 wasuka e-Indeni Roses yase-Zambia waya ku-BIIK Kazygurt – iqembu elikhulu labesifazane lase-Kazakhstan.

Ukuthuthela kwakhe eMelika kuza ngemuva kokushaya amagoli angu-33 e-Liga F emidlalweni engu-43 e-Madrid ezinyangeni ezingu-18.

Isimo sokudluliswa kwakhe yinto uKundananji okusamele ayicubungule ngokugcwele kodwa uthi ukubheke ngabomvu ukwenza izwe lakubo liziqhenye.

“Abantu base-Zambia bazomangala kodwa bazojabula kakhulu,” kusho uKundananji etshela i-BBC Sport Africa.

“Abantu abaningi bangigqugquzele ukuthi ngisebenze kanzima abanye baze bathi ‘mhlawumbe ngelinye ilanga uzowaphula amarekhodi’.

“Lokhu ngokokuqala futhi ngiyazi ukuthi kuningi okuzayo. Ngizokwenza konke okusemandleni ami futhi ngizolwa njalo uma ngidlala njengoba ngihlezi ngenza.

“Ngifuna ukunika abalandeli be-Bay FC into abayifunayo – bajabulele imidlalo, bajabulele ukungibona ngidlala futhi ngishaya amagoli.”

Esithombeni esingenhla: URacheal Kundananji ophulr irekhodi lokufuduka.

Umthombo wesithombe: @jeffkassouf

Izihloko zakamuva