Lubhalwe nguSolution Emmanuel
Isihlabani sase-Nigeria uTiwa Savage umenyezelwe njengomunye wabaculi abazonandisa emcimbini obhekwe ngabomvu wokugcothswa kwenkosana uCharles III.
Lo mcimbi ohlelelwe ukuba mhla ziyisikhombisa kuNhlaba e-Windsor Castle uzohanjelwa abaculi abadumile emhlabeni wonke.
Ukufakwa kukaSavage ohlwini lwabaculi kudale isasasa phakathi kwabalandeli nabathandi bomculo emhlabeni wonke.
Uyena kuphela umculi ozinze e-Nigeria osohlwini. Umculi osafufusa owazalelwa e-Nigeria ozinze e-Nottingham uJERUB umculo wakhe ususelwa kwi-pop, i-soul kanye ne-indie naye uzonandisa kulo mcimbi. Kodwa-ke, okwamanje uhlala e-United Kingdom.
Kulindeleke ukuthi uSavage owaziwa njengomculi oshisa izikhotha ngomculo wakhe opholile enze into ezoheha izithameli nokuthi ashiye umbono ongapheli kulo mcimbi oyingqophamlando.
Ujoyina uhlu olumangalisayo oluhlanganisa uPaloma Faith, iciko le-rock ‘n’ roll uSteve Winwood, umshayi we-piano owaziwayo emhlabeni wonke uLang Lang kanye nesihlabani somculo we-pop uNicole Scherzinger ukuthi banandise ngalolo suku.
Kwingxubevange emangalisayo yamaciko ingxenye yabaculi abazonandisa kubalwa i-Take That, uLionel Richie, uKaty Perry, u-Andrea Bocelli, uSir Bryn Terfel, uFreya Ridings, u-Alexis French kanye nabanye abaculi abahlanu basebukhosini.
I-BBC imemezele ukuthi uTom Cruise, uDame Joan Collins kanye noWinnie the Pooh we-Disney bazobonakala kulo mcimbi.
Abalingisi bamafilimu abadumile okubalwa kubo uTom Jones, uBear Grylls kanye no-Oti Mabuse baphakathi kwezihlabani ezivela ochungechungeni oluqoshiwe ngaphambilini kanye nezingxenye eziveza amaqiniso angaziwa ngeNkosi.
Inkosana uCharles III wangena esihlalweni sobukhosi mhlaka ziyishiyagalombili kuMandulo nyakenye ngemuva kokukhothama kukanina iNdlovukazi u-Elizabeth II. INkosana uCharles III kanye nonkosikazi wakhe uCamila bazogcotshwa ngokusemthethweni mhla ziyisithupha kuNhlaba.
Lo mcimbi oyingqophamlando uzosakazwa bukhoma ku-BBC One, ku-BBC iPlayer, ku-BBC Radio 2 kanye naku-BBC Sounds.
Ekhuluma ne-BBC, uSavage uzwakalise ukubonga ngethuba elihle kangaka eliyimvelakancane empilweni.
“Ngizizwa ngihloniphekile ukumela i-Afrika kanye ne-Commonwealth emcimbini oyingqophamlando kanje. Ngikubheke ngabomvu ukujoyina imigubho nokuletha ama-Afrobeats okokuqala ngqa e-Windsor Castle,” esho.
Esithombeni esingenhla: UTiwa Savage uzocula emcimbini wokugcotshwa kweNkosana uCharles ngoMgqibelo
Umthombo wesithombe: Twitter