Umdlali wasemuva wase-Morocco u-Achraf Hakimi uphenywa abashushisi base-France ngezinsolo zokudlwengula owesifazane (24).
Owesifazane usole umdlali wasemuva we-Paris Saint-Germain ngokumdlwengula ngomhlaka-25 kuNhlolanja emzini wakhe ose-Paris.
Umthombo osondelene naleli cala uthe isisulu sibikele amaphoyisa ngesigameko ngeSonto kodwa asizange sivule icala, kubika i-Le Parisien.
Okwamanje akukacaci ukuthi kungani isisulu salile ukuvula icala emaphoyiseni endawo.
Lo mdlali wasemuva we-Paris Saint-Germain ubhekwa njengomunye wabadlali abadlala emuva abahamba phambili emhlabeni, kodwa manje angase aboshwe.
Ihhovisi lomshushisi womphakathi elisingatha leli cala linqabile ukuphawula kodwa lathi imininingwane evezwe ngabezindaba “ibukela phansi uphenyo oludingekayo ukuze kutholwe iqiniso”.
UHakimi akazange adlale emidlalweni emibili yokugcina ye-Paris Saint-Germain kanti iqembu liveze ukulimala komsipha njengesizathu sokungabibikho kwakhe.
UHakimi ubambe iqhaza elibalulekile ngesikhathi i-Morocco iqopha umlando iphuma endaweni yesine kwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa ebise-Qatar ngoZibandlela odlule.
Muva nje, u-Hakimi ube ngowokuqala wase-Afrika ukuvotelwa kwi-Fifa Best XI kusukela kwagcina ngoDidier Drogba ngo-2007.
Lo mdlali (24) ubehambele imiklomelo ye-Fifa ngoMsombuluko ebusuku.
UHakimi wazalelwa enhloko-dolobha yase-Madrid, e-Spain, futhi wadlala i-Real
Madrid ne-Borussia Dortmund ngaphambi kokuyodlalela iqembu lase-France.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Esithombeni esingenhla: U-Achraf Hakimi
Umthombo wesithombe: Twitter