Isihlabani saseGhana asikakatholakali emfucumfucwini yaseTurkey 

Umdlali webhola uChristian Atsu akakatholakali kulandela ukubhidlika kwefulethi abekulona edolobheni lase-Hatay.

Sekuphele izinsuku ezingu-11 lo mdlali wase-Ghana evaleleke ngaphansi kwemfucuza kulandela ukuzamazama komhlaba okuhlasele e-Turkey nase-Syria.

Iqembu lika-Atsu, i-Hatayspor liqale lamemezela ukuthi u-Atsu utakuliwe futhi uyalulama esibhedlela sendawo. Kodwa-ke, ngemuva kosuku kuphela iqembu liye laveza ukuthi bekuyiphutha nokuthi u-Atsu akatholakali.

I-ejenti yalo mdlali owayedlalela i-Newcastle United, uNana Sechere unikeze isibuyekezo ngalo mdlali webhola lezinyawo wathi ithimba labatakuli lithole “igumbi” lalo mdlali.

USechere uthe “izinto zihamba kancane ngendlela emangalisayo” futhi “badinga  izinsiza ezengeziwe ngokushesha okuhlanganisa nomhumushi”, wengeza ngokuthi “noma yikuphi ukuhlenga kuyabambezeleka futhi abantu bayashona.”

Uthe kuyadumaza ukuthi iqembu lika-Atsu alikho ukuzosiza abatakuli ukuthi bathole lo mdlali.

“Isikhundla nomthelela wabo ohambisana nolwazi lwabo lwendawo kungasiza kakhulu,” esho.

U-Atsu owake wadlalela i-Chelsea ubehlala ebhilidini nabanye abadlali abambalwa be-Hatayspor. Umqondisi weqembu uTaner Savut naye akatholakali.

Kubikwa ukuthi ukuzamazama komhlaba okungu-7.8 magnitude kudlule nemiphefumulo yabantu abangaphezu kuka-41,000.

Kodwa-ke, lisekhona ithemba lokuthola u-Atsu njengoba abasindile bekhishwe emfucumfucwini ngemuva kwamahora angu-200 kwenzeke le nhlekelele.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: UChristian Atsu

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva