Isihlabani sase-Nigeria simemezele usuku lokukhishwa kwe-albhamu yaso

Sizwe Sibiya

Isihlabani se-Afrobeats uBurna Boy uveze ukuthi i-albhamu yakhe yesithupha izophuma ngosuku lwakhe lokuzalwa, mhla zimbili kuNtulikazi, engxoxweni yakhe nosomahlaya waseNingizimu Afrika uTrevor Noah ohlelweni i-Daily Show.

Umculi wase-Port Harcourt e-Nigeria owine indondo ye-Grammy utshele uNoah ngosuku lokukhishwa kwe-albhamu yakhe, engakaqanjwa negama engxoxweni  ebingoLwesithathu, ngomhlaka-27 kuMbasa.

“Ngoba wena ungumfowethu, ngeke ngibukise ngawe phambi kwabo bonke laba bantu,” kusho uBurna Boy encokola, ezama ukuphendula uNoah, obefuna ukuthola usuku oluqondile lokukhishwa kwe-albhamu.

Ngesikhathi uBurna Boy evuma ukukhuluma, utshele uNoah ukuthi uzomnikeza okusazinkomba kuphela.

“Izophuma ngosuku wonke umuntu ezigubha ngalo, uma kuwusuku lwakhe,” kusho Burna Boy.

Akazange aphike ukuthi umculi wase-United Kingdom, u-Ed Sheeran, ukhona kwi-albhamu ezayo.

Nyakenye emicimbini yemiklomelo yesi-63th Grammy Awards, uBurna Boy wawina i-Grammy ye-Best Global Music Album nge-albhamu yakhe yokugcina ethi-Twice as Tall eyakhishwa ngoNcwaba ngo-2020.

Umphathi wakhe ngumama wakhe uBose Ogulu kanti ubaba wakhe, u-Benson Idonije, ungumphathi wesihlabani somculo we-Afrobeat uFela Kuti.

Khonamanjalo, uBurna Boy, ozobe ehlanganisa iminyaka engu-30 kulo nyaka, ulungiselela ukuyocula ohlelweni lwe-One Night In Space e-Madison Square Garden, e-New York City.

Umthombo wesithombe: The Daily Show

Izihloko zakamuva