
Celani Sikhakhane
Isihlabani se-Mission Impossible uTom Cruise, unikele ngenkece esizweni samaNgwane ukuze isetshenziselwe ukuthuthukisa umphakathi wase-Bergville KwaZulu-Natali.
Umlingisi wamafilimu waseMelika uchithe isikhathi e-KZN kulo nyaka elungiselela ukuqopha i-Mission Impossible 8, okuwuhlelo lwakamuva lwefilimu eshisa izikhotha.
UCruise unikezwe imvume yokuqopha ngomhlaba womphakathi wasemakhaya e-Bergville, ngaphansi kwenkosi uMenzi Hlongwane, kubikwa ukuthi unikele ngezizumbulu zemali.
Le filimu izoqoshwa ezintabeni zoKhahlamba kuze kuphele inyanga, ngokusho kukaSipho Ndaba ongumgqugquzeli womcimbi wodumo lwe-Drakensberg Jazz ophinde abe ilungu lenhlangano yokuthuthukisa amabhizinisi esizwe e-AmaNgwane ngaphansi kwenkosi uHlongwane.
UNdaba uthe banqume ukuthi ngeke badalule ukuthi malini uCruise anikele ngayo kodwa wathi imali ifakwe kwi-akhawunti yezikhulu zesizwe ukuze kuthuthukiswe umphakathi.
“Siyajabula ukuthi ukhethe le ndawo. Lokhu kuzosisiza kakhulu abantu bakuleli njengoba sisebenzela ukuthuthukisa abantu abasha embonini yamafilimu,” kusho uNdaba.
Uthe uCruise usebeke indawo yabo kanye nesifunda sasoThukela ebalazweni lomhlaba njengezinye zezindawo ezihamba phambili kwezokuvakasha emhlabeni jikelele.
Ngesonto eledlule ithimba likaCruise lifike enkosini yendawo, uHlongwane lizokwethula imbuzi njengo phawu lwenhlonipho, ngokwesintu endaweni yasemaNgwaneni.
UNdaba uthe ithimba likaCruise limatasa futhi kunezikhathi lapho amalungu omphakathi ezoxwayiswa ngamabhanoyi azondizela phezulu ngesikhathi kwenziwa ifilimu.
I-Mission Impossible 8 izokhishwa ngonyaka ka-2024, kanti ifilimu yesikhombisa izokhishwa ngoNtulikazi ngo-2023.
Ifilimu yakamuva, i-Mission Impossible 6, idlalwe emhlabeni wonke, yangenisa imali engaphezu kuka-R15 billion esikhwameni sesabelomali sika-R3.4 billion.