Isihlabani sama-Olympic uWalaza wenqaba izicelo zase-US

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UBayanda Walaza (18), othole indondo yesiliva kuma-Olympics, wenqabile izicelo zamanyuvesi amathathu ase-US kanti uthi uzoqhubeka nokufunda aphinde abe ngumsubathi eNingizimu Afrika.

UWalaza ube nesizini evelele, wawina izindondo ezintathu ze-global championship.

Ubeyingxenye yeqembu laseNingizimu Afrika lika-100m we-relay eliwine isiliva e-Paris futhi kamuva ugoduke negolide eliphindwe kabili emqhudelwaneni we-World Athletics U20 Championships e-Peru.

Ngemuva kokubuyela ekhaya, uWalaza uthe ulwazi lwakhe lwama-Olympic lumsize ukuthi enze kangcono e-Peru.

Uphinde wajabula ngokuthi ukunakwa ngabezindaba bekugxile kakhulu kubasubathi abadala, okumenze wakwazi ukuqhudelana ngaphandle kwengcindezi.

“Kungisizile ukuba yi-Olympian. Abanye engincintisana nabo bese bengazi ngenxa yendondo yami yama-Olympics, kodwa ngijabule ukuthi abezindaba abazange bagxile kimina njengoba benza kuBradley, omunye umsubathi,” etshela iNews24.

UWalaza ochazwa nguzakwabo waseNingizimu Afrika, u-Akani Simbine, ukhethe ukuhlala ePitoli aqhubeke nokuzilolonga nomqeqeshi wakhe njengamanje kunokuba aye e-US.

“Ukushintsha abaqeqeshi manje kungaba yingozi. Kuthiwani uma ngiya e-US ngigcine ngigijima kancane.”

Ukholwa ukuthi lesi yisiqalo sohambo lwakhe futhi uthemba ukuthi uzogqugquzela isizukulwame esizayo sabasubathi baseNingizimu Afrika.

“Ngifuna ukubeka ukugijima kwaseNingizimu Afrika ebalazweni ukuze abantu babone ukuthi sikhiqize abasubathi abahamba phambili, njengo-Akani Simbine.”

Osesithombeni esingenhla: UBayanda Walaza.

Umthombo: @africafactszone

Izihloko zakamuva