Lubhalwe nguRorisang Modiba
Isihlabani saseNingizimu Afrika seTikTok u-Emanuel Madonsela, owaziwa ngelika-‘The Don Madfunz,’ unikezwe imoto kuvidiyo yomculo ethi “Healing,” okuyingoma kaGordo nomrepha wase-Canada uDrake.
UGordo uthole uMadonsela ku-TikTok futhi wathanda amavidiyo akhe ajabulisayo nanomdlandla.
Le video ikhombisa izinto ezenzeka mihla namalanga empilweni kaMadonsela nomndeni wakhe eDududu, KwaZulu-Natal.
UMadonsela nomkakhe abakholwa ngemoto abayithole kuGordo njengoba ekade ayeyifisa ukuze impilo yakhe ibe lula.
UGordo uthemba ukuthi ividiyo esesiteshini sakhe se-YouTube izogqugquzela abanye ukuthi bathole injabulo ngisho nasezikhathini ezinzima.
“Bengifuna ukukhombisa ukuthi isimo sengqondo kaDon sihle nomoya wenjabulo yinto sonke esingafunda kuyo,” kusho uGordo.
“Indaba yakhe iyisikhumbuzo sokuthi noma impilo isiba nzima kodwa ungazithola izizathu zokumamatheka. Ngethemba ukuthi le vidiyo izothinta izinhliziyo zenu njengoba yenza kweyami.”
Osesithombeni esingenhla: U-Emanuel Madonsela.
Umthombo: Isithombe esitholakale kwividiyo