Isihlabane saku-TikTok esineminyaka engu-97 sithole ikhaya elisha

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UGogo uNoweyitala Ndolomane owaziwa ngelikaMamntlane ku-TikTok, uthole indlu entsha ngoLwesibili.

UMamntlane (97) udume ngezingxoxo ezihlekisayo nezithinta inhliziyo nomzukulu wakhe uSiyavuya Mketo ku-TikTok.

Abalandeli bakhe ku-TikTok bebemthanda kangangokuthi bamthumelela igilosa, izingubo zokugqoka nezinto zasendlini.

Ngemuva kokubona indlu endala kaMamntlane, abehlala kuwo nendodana yakhe eneminyaka engu-60 nabazukulu ababili abangabalandeli bakhe abababiza ngabazukulwane (abazukulu), baqoqe u-R17 000 wokusiza.

UNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane ubize uMketo wamthembisa ukumakhela umuzi omusha.

NgoLwesibili uMabuyane kanye noNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMnuz Siphokazi Lusithi banikeze uMamntlane obegcwele injabulo izikhiye zendlu eseKulokhala, eWillowvale.

UMabuyane uthe lokhu kuyingxenye yohlelo lokuhlinzeka ngezindlu kubantu ababuthaka okubalwa nabantu abadala.

“Lolu udaba olufinyelele kithina ngezinkundla zokuxhumana, samthembisa ukuthi sizomakhela futhi simnike umuzi wakhe ngenyanga kaMandela, siyabancoma abazukulu bakhe ngokumnakekela,” kusho uMabuyane.

Echichima injabulo emzini wakhe omusha, uMamntlane uthe: “Ngibonga uhulumeni nabo bonke abathintwe udaba lwami nabasize umndeni wami.”

Kulo mcimbi izikhulu zethule usonkontileka omusha ozokwakhela imindeni eminingi kumasipala wendawo uMbashe izindlu ezingu-250.

Esithombeni esingenhla: Isihlabani seTikTok uNoweyitala “Mamntlane” Ndolomane (97), uthole isikhiye sendlu yakhe entsha ngoLwesibili.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva