Isigwagwagwa emngcwabeni wenkosi yezigebengu

Elmon Tshikhudo

Emingcwabeni yezigebengu kuwumkhuba ukuqhunyiswa kwezibhamu ukuhlonipha umufi. 

Nase mngcwabeni ka-Arnold “Soldier” Modau kwenzeke okufanayo.

Kuqhume lonke uhlobo lwesibhamu  ongalucabanga ngesikhathi sekwehliswa isidumbu sikasomabhizinisi wase-Limpopo, obethathwa njenge nkosi yezigebengu.

Njengophawu lwakhe, umfaniswano womngcwabo ubuyi-comouflage, nabantu abaningi abebezongcwaba begqoke umfaniswano wamasosha. Ibhokisi lakhe belifakwe iphethini yalolu hlelo lombala wophawu lwakhe.

Ukwengeza kulesi siphithiphithi, abebehambele lo mngcwabo bebejikelisa izimoto zabo eduze kwemoto yezidumbu ebithwele ibhokisi likaMudau.

Lo mngcwabo obusenkundleni yezemidlalo i-Tshakhuma ubuhanjelwe yizinkulungwane, okusolakala ukuthi ubuhlanganisa nezigelegeqe ezisuka ezweni lonke.

Indiza enophephela emhlane yamaphoyisa ibizulazula ngaphezu kwendawo, ngesikhathi izikhulu eziningi zamaphoyisa zime kude ukuze ziqaphe ngeso lokhozi.

Lo mngcwabo udale isiphithiphithi emgwaqeni njengoba kuthathe amakhilomitha amaningi, ukuthi izimoto zifike kwadingeka ukuthi abashayeli basebenzise umgwaqo u-Vuwani-Elim oya e-Louis Trichardt.

Phakathi kwabebethula izinkulumo kubalwa osomabhizinisi abebesebenzisana noMudau, kanye ne-ANC esifundeni sase-Vhembe, ebimelwe yiMeya yase-Makhado, uMnu Samuel Munyai.

UMudau udlule emhlabeni ngoMgqibelo odlule engozini yemoto.

Isigameko se-after tears siphenduke isiphithiphithi ngesikhathi izinkulungwane zabantu ezibuthene esithabathabeni somuzi kaMudau zijatshuliswa abaculi abadumile okubalwa kubo uMakhadzi.

Lo mgubho uqhubeke kwaze kwasa ngeSonto.

U-Arnold Mudau, odume ngelikaSosha noma iNgonyama yakwaJuda, uqale i-Jerusalem Restaurant and Pub e-Thohoyandou nabangani bakhe uLinda Netshitomboni kanye noNaledzani Munyai ongasekho.

Kodwa amabhizinisi abo ayenohlangothi okusolakala ukuthi lumnyama: bekucatshangwa ukuthi bangamakhosi ezigebengu zase-Limpopo, besabisa osomabhizinisi ngokubagebenga nokugqekeza imizi yabo.

Owesilisa oyingxenye yeqembu okuthiwa elezigebengu i-Tshisale uthe ukudubula kuwusiko lokuhlonipha umholi wabo ongasekho.

“U-Arnold ubengujenene wethu futhi kuyafaneleka ukuthi simnike lolu hlobo lomngcwabo. Uyohlezi eyiqhawe ezinhliziyweni zethu,” esho.

Usomabhizinisi owaziwayo uTshifhiwa Lukoto uvumile ukuthi yena noMudau ongasekho babengamaqola phambilini kodwa kamuva bashintsha bagxila ezintweni ezinhle empilweni.

“Ubungani bethu bebusekelwe okuthile okufana nokubamba isibhamu kulabo abalilayo kodwa sabuye sashintsha sagxila kwezamabhizinisi. UMudau ubengusomabhizinisi ophelele owenza kahle kakhulu,” usho kanje.

Izihloko zakamuva