Isiguli esinezimpethu emzimbeni waso, sishone ngemuva kwezinsuku ezimbili sikhishwe esibhedlela

Lungani Zungu

Ngesikhathi uNhlakanipho Manqele obephethwe umdlavuza womphimbo  engeniswa esibhedlela i-Prince Mshiyeni ngenyanga edlule, umndeni wakhe wawunethemba lokuthi uzobuya ekhaya esencono.

Kodwa lokho akwenzekanga.

Lo mlisa oneminyaka engama-51 ubuye esibhedlela nezingubo ezinegazi, iphunga elibi kanye nezimpethu. Washona ngemuva kwezinsuku ezimbili.

“Ngesikhathi ebuya sazama ukuwasha amabhandishi, kodwa sathola ukushaqeka okumangalisayo ngesikhathi sithola izimpethu emzimbeni wakhe,” kusho udadewabo uCynthia Msomi.

Babuza abaphathi besibhedlela ukuthi bamvumele kanjani uManqele ukuthi akhishwe.

“Akekho owasinikeza impendulo egculisayo ngakho sahambisa umfowethu ekhaya egula enjalo,” esho.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-KZN, uNtokozo Maphisa uthe abaphathi besibhedlela bazamile ukuxoxisana nomndeni, kodwa bacelwa ukuthi bawunikeze ithuba lokungcwaba othandiweyo wabo.

Izihloko zakamuva