Isigodi sase-Eastern Cape sizilela ukwedlula emhlabeni kwendoda ekhule kakhulu ngeminyaka umhlaba wonke.

Isigodi sase-Aldelaine, e-Eastern Cape, sizilela ukwedlula emhlabeni komhlali  waso omdala kunabo bonke – uFredie Blom obeneminyaka eyi-116.

Abezindaba i-International news ibika ukuthi akuqinisekisiwe ngokusemthethweni ukuthi uBlom nguye indoda endala emhlabeni wonke ngokweminyaka.

I-AFP ibika ukuthi uBlom walahlekelwa ngumndeni wakhe wonke ngenxa  ye-Spanish flu, kanye nabantu baseNingizimu Afrika abangaphezulu kwabayi-500,000 nezigidi eziyi-50 zabantu umhlaba wonke. Ubengajwayele ukugula futhi ubehlezi esebenza.

Kodwa uphilile kulolu bhubhane lwe-Covid-19, uzewashona nje ngokufa okubangelwa yimvelo.

Okhulumela umndeni uAndre Naidoo uthe:

“Emavikini amabili edlule uOupa(umkhulu) ubesagawula izinkuni.

“Ubeyindoda enamandla kakhulu, eziqhenya futhi.”

Uzalwe mhla ziyisishiyagalombili kowezi-1904, uBlom ushonele esibhedlela sase-Tygerberg eKapa.

Lona ophile iminyaka eyikhulu ubephila nonkosikazi wakhe uJeanette oneminyaka engama-86 ubudala.

Ivideo (ku-Twitter -@EarlCraig06) ingeyokubungaza usuku lokuzalwa likaBlom lweminyaka eyi-114.

Izihloko zakamuva