Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UDumisani Msomi, obedume njengesibengu esabisayo aziwa ngelika ‘Bhejane’ (Rhino) waseHighflats KwaZulu-Natal, uzibulele kuleli sonto kulandela ukwaliwa yintombi yakhe ngoba ithi uyayihlukumeza.
UBhejane kuthiwa uzidubule ngoMsombuluko ngemuva kokudubula intombi yakhe, uMandisa Mgenge. Ushonele endaweni yesigameko, kanti lo owesifazane ushonele esibhedlela ngemuva kwesikhashana.
Amalungu omphakathi aseHighflats abengakholwa ukuthi umuntu usatshwa njengoBhejane angathinteka kanjena ngokuhlukana nentombi.
Ubenedumela lokuzithathela umthetho ngezandla futhi ejwayele ukufaka izithombe zakhe enezinhlwathi.
UBathobile Ngubo, onguNobhala we-ANC esifundeni iHarry Gwala, usigxekile isenzo sikaBhejane waphinde wadlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMgenge.
“Akekho umuntu wesifazane okufanele afele ezandleni zomlingani wakhe noma nanoma yimuphi omunye wesilisa,” kusho uNgubo.
“Kuyacasula ukubona abantu ezinkundleni zokuxhumana bethatha uBhejane njengeqhawe.”
Kuthiwa uMandisa wayeke wabika emaphoyiseni ngoBhejane ngesikhathi emhlukumeza futhi wayesefake nencwadi yokumvikela.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi ngemuva kwengxabano noMandisa, uBhejani umdubule amahlandla ambalwa ngaphambi kokuba azidube yena ngesibhamu.
Futhi nakuba uBhejane eshonile kodwa usazobhekana necala lokubulala nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Esithombeni esingenhla: UDumisani “Bhejane” Msomi ozibulele yena nentombi yakhe ngoMsombuluko.
Umthombo: Sithunyelwe