Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umlutha wezidakamizwa usabisa imindeni yabafana abasesikoleni sokusoka ngokufuna imali yokubavikela.
Abaholi bendabuko namadoda omphakathi sebeqale umkhankaso wokuzingela izigebengu ezilandelela imindeni enabafana abasentabeni.
Amaqembu ezigebengu afuna imali yokuvikela abonakala anda futhi esongela wonke umuntu.
EKapa izigebengu zithusa imindeni ngokufuna imali yokuvikela amadodana awo esikoleni sokusoka.
Isikhungo iSomagwaza Institute esisiza abesilisa abaphuthelwe ukuya entabeni, sisebenzisana namadoda endawo ukuthungatha lesi sigebengu.
Umsunguli wesikhungo uSikelela Zokufa ushaqekile ngesikhathi umndeni ubika ngokuvakashelwa okungajwayelekile.
“Kuyashaqisa ukuthi umuntu ozibiza ngowesilisa avele athathe isinqumo sokuyoqola imindeni imali, watshela umndeni ukuthi ungomunye wamalungu obugebengu avikela noma agada izingane zabafana esikoleni sokusoka,” kusho uZokufa.
Umsolwa ubefuna u-R700 kodwa waphuma no-R140 ngesikhathi umndeni ungakwazanga ukukhokha yonke le mali. Wabayala ukuba bambize uma isiphelele.
“Sesihlangene senza ucwaningo, sithole ukuthi yena lo muntu ubambe inkunzi ngesikhathi kuhlinzwa waphinde waya emndenini owakhe isitezi eyocela imali,” kusho uZokufa.
Isigebengu sizame inhlanhla lapho kwakhiwa khona kodwa satshelwa ukuthi asibuye uma umnikazi ekhona.
Amadoda endawo athole ukuthi ungumlutha wezidakamizwa futhi ulandelela imindeni enamadodana esikoleni sokusoka.
Siyabona ukuthi uma efuna imali uvakashela amakhaya anezingane ezisesikoleni sokusoka aqambe amanga ngokuthi uzozidubula uma bengakhokhi.
“Kodwa sifuna ukuqinisekisa imindeni ukuthi izingane zabo ziphephile uma zinathi futhi asikho isidingo sokuthi banikeze umuntu imali,” kusho uZokufa.
Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe owesifazane oneminyaka engu-55 ubudala ubike ukuthi ngoMsombuluko ngomhlaka-25 kuLwezi ka-2024, owesilisa wafika kubo eGugulethu ngezithuba zabo-16:30 efuna imali yokuzivikela.
“Utshele umndeni ukuthi uma bengawulaleli umyalelo wakhe, uzobuya abadubule. Amaphoyisa aseGugulethu aphenya icala lokuqola imali,” kusho uSwartbooi.
Esithombeni esingenhla: Iqembu labafana abaya kothwasa.
Umthombo: I-Somagwaza Institute/Facebook