Isigebengu esisiza umphakathi wangakubo

Everson Luhanga

UYanga Andrey Nyalara usolwa ngokubulala abantu abangu-19, kodwa uyiqhawe e-Khayelitsha.

Emphakathini wangakubo ufana noRobin Hood, isigebengu esintshontshela abacebile ukuze siphe abampofu.

UNyalara, ongesinye sezigebengu ezifunwa kakhulu eKapa, uboshwe ngoLwesihlanu ngemuva kokubalekela ukuboshwa izinyanga. Kodwa naphezu kwamacala asolwa ngawo, abaningi bafuna ukuthi akhululwe.

Ngenyanga edlule amaphoyisa akhiphe isamba sika-R100 000 kongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwakhe.

Ubhekene necala lokubulala, elokubamba inkunzi, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, ukudayisa izidakamizwa, ukuzama ukubulala, kanye nokwephula umthetho we-Prevention of Organised Crime Act.

Obuye aziwe ngelika-“Bara”, lo mgulukudu odume kabi uvele enkantolo ngoMsombuluko. UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele ubekhona.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uLirandzu Themba uthe uNyalara usolwa ngokuba nesandla ezigamekweni eziningi zokubulala ezenzeke elokishini lase-Khayelitsha, eKapa.

Kodwa ezinye izakhamizi zase-Khayelitsha, lapho uNyalara aphuma khona, zimthatha njengeqhawe futhi zifunge zagomela ukuthi zizomeseka njalo uma evela enkantolo.

Izakhamizi zithi ubezivikela futhi ubesebenza kahle kakhulu kunamaphoyisa uma kukhulunywa ngokuxazulula ubugebengu nokubamba izigebengu ebezibagebenga.

Umphakathi wase-Khayelitsha esigcemeni sakwa-Site C eKapa udinwe ugane unwabu ngokuboshwa kwakhe, kanti manje unovalo lokuhlala kule ndawo ngaphandle kwakhe.

Isakhamuzi sase-Khayelitsha sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi uNyalara uyiqhawe labo futhi bazomeseka ngaso sonke lesi sikhathi esinzima.

“Ubenza isiqiniseko sokuthi akekho umuntu ogetshengwayo e-Site C kanti uma kwenzeka ukuthi abantu babanjwe inkunzi base bebikela yena, ubeqinisekisa ukuthi uyazibuyisa izimpahla zabo,” kusho bona.

“Ubesebenza kahle kakhulu kunamaphoyisa ngoba besikwazi ukuthola izimpahla zethu ezebiwe kanti uma sibika emaphoyiseni bekungenzeki lutho.”

Ezinyangeni ezimbili ezedlule wona lo mphakathi umashele esiteshini samaphoyisa e-Khayelitsha uyokhombisa ukuzwelana noNyalara ngemuva kokuthi kuvele ukuthi ufunelwa icala lokubulala.

“Ubelokhu esinakekela, eseseka futhi eqinisekisa ukuthi umphakathi wethu uphephile,” kwengeza isakhamuzi.

UNyalara uboshwe ngemuva kokuthi amaphoyisa alunywe indlebe ngoLwesihlanu. Ubanjwe ehamba nabesifazane ababili ephethe isaka lezidakamizwa.

NgoMsombuluko ngaphandle kwenkantolo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uCele utshele izakhamizi ukuthi uNyalara uyeqile ibheyili e-Eastern Cape ecaleni elibandakanya ukugetshengwa kwemoto yemali. UNyalara uyinqabile ibheyili yakhe kanti icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-18 kuNcwaba kulo nyaka,” kusho uCele.

Izihloko zakamuva