Elmon Tshikhudo
Esikhundleni sokubhekana nesixuku samalungu omphakathi abethukuthele, isigebengu ebesixakekile sikhethe ukuzibulala.
Uthathe impilo yakhe ngesibhamu abesisebenzisa ukugebenga izisulu zakhe.
UHawker Enos Mudau ubesesixukwini sezimoto esimatasa eduze kweNkantolo yeMantshi yase-Thohoyandou ngesikhathi ebona owesilisa elwa nowesifazane evenini ye-Nissan NP 200.
“Lo mlisa ubehlome ngesibhamu. Uphoqe lo wesifazane ukuthi aphume emotweni,” kusho u-Enos.
Ngalesi sikhathi, u-Enos uthe kungenelele umuntu ogquba inqola ukusiza lo wesifazane, kwaqubuka ingxabano phakathi kophethe isibhamu nomSamariya olungileyo.
“Bebebanga isibhamu. Le ndoda idutshulwe onyaweni, kwathi amalungu omphakathi ezwe ukuqhuma kwesibhamu aphuthuma endaweni yesigameko azungeza indawo,” kusho u-Enos.
Uvele waphelelwa yindawo lo mphangi. Ubezungeziwe engenayo indlela yokuphunyuka, futhi ubebonakala emelwe ukubhekana nolaka lwesixuku esithukuthele.
“Ngesikhathi owesilisa ophethe isibhamu ebona ukuthi akanandawo yokubaleka, uzidubule ekhanda washonela khona lapho endaweni yesigameko”.
UHawker Terrence Mulaudzi obesendaweni yesigameko uthe akakaze athuke ngale ndlela.
“Bengimatasa ngisiza ikhasimende ngesikhathi ngizwa ukuqhuma kwesibhamu. Kuthe kusenjalo kwaba nabantu abaningi,” esho.
“Le ndoda ebinegazi, futhi isishonile, ibilele nje lapho. Ushaywe ngamatshe nagezinto ezahlukene ngamalungu omphakathi. Bekuyisimo esibi esizohlala engqondweni yami isikhathi eside”.
Amaphoyisa ase-Thohoyandou abehambele indawo yesigameko athe: “Kutholakale isibhamu nezinhlamvu ezimbili eduze komsolwa kwatholakala namakhalekhukhwini abane”.
Indoda edutshulwe onyaweni iyiswe emtholampilo wendawo ukuze ithole ukwelashwa.
Amaphoyisa avule amacala okuzama ukubulala nelokubamba inkunzi.