Isifunda se-ANC eKZN sisola abangenele ukhetho ngokuzimela ngokuzenza amalungu mbumbulu e-ANC

Celani Sikhakhane

Ubuholi be-ANC busole abangenele ukhetho ngokuzimela esifundeni iHarry Gwala ngokusebenzisa izinsiza zenhlangano ukukhankasela ukhetho oluzayo.

Abangenele ukhetho ngokuzimela, amagama abo asusiwe ohlwini lwe-IEC, ngoba basolwa ngokugqoka imibala ye-ANC ngesikhathi bekhankasa nokutshela abantu ukuthi uma sebeluwinile ukhetho bazobuyela ku-ANC.

Babalelwa kwabangama-21 abantu abangenele ukhetho ngokuzimela kulesi sifunda abakhethe ukuncintisana ne-ANC ngemuva kokususwa kwamagama abo ngaphandle kwemvume yabo.

USihlalo wesifunda iHarry Gwala, uMnu Zamo Nxumalo, uxwayise ngokuthi lokhu kuzolahlekisela i-ANC okhethweni lwangomhla wokuqala kuLwezi.

“Laba bantu badale ukudideka okukhulu emiphakathini yethu, besebenzisa igama likaKhongolose ukukhankasa sengathi yibona abazomela izinhlangano zethu,” kusho uNxumalo.

“Sixwayisa imiphakathi ukuthi ibaqaphele laba abazongenela ukhetho ngoba bazimele. Bazonyamalala ngemuva kokhetho”.

IHarry Gwala akusona sodwa isifunda esibhekene nokuziphatha okunje kwalabo abazimele abangenele ukhetho.

EMkhanyakude abangenele ukhetho ngokuzimela basizwa ngabaholi be-ANC abebengeneme ngokususwa kwezintandokazi zabo ohlwini lwe-IEC.

Lokhu kuvezwe yilungu lesigungu esiphezulu se-ANC esifundazweni uMnu Ndodephethe Mthethwa.

“Sizolahlekelwa yibo bonke omasipala abangaphansi kwaseMkhanyakude kwi-IFP ngenxa yalolu daba,” kusho uMthethwa.

Ukusetshenziswa kwezinsiza ze-ANC ngabantu abazimele akuqali eKZN.

Okhethweni lohulumeni basekhaya lwangowezi-2016 abantu abaningi abazimele abahlubuka ku-ANC ngemuva kokususwa kwamagama abo, basizwa yi-SACP ikakhulukazi esifundeni saseThekwini.

I-SACP yaphinde yahlela imikhankaso yokhetho yabanye babo eNtshangwe lapho i-ANC eyagcina ilahlekelwe khona isigceme.

Kulo nyaka bangaphezu kwabayizi-1,500 abantu abazimele ababhalisele ukungenela ukhetho.

Izihloko zakamuva