Kabelo Tlhabanelo
Akungabazeki ukuthi isifonyo esingajwayelekile sikaJohannes Mokobe sijikisa amakhanda, kodwa abantu abanasiqiniseko sokuthi siphephile yini.
Isifonyo sikaJohannes wasesigabeni se-9 e-Mangaung eFree State azenzele sona emhlangeni sakhiwe njengophondo lukabhejane, sinezimbobo odokotela abathi aziphephile ukuvimbela i-coronavirus.
UJohannes, obesebenzisa isifonyo esingajwayelekile selokhu kuqale umvalelo ngoNdasa, utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi uyayisaba i-corona futhi akafuni ukushona.
“Ngibona abantu abaningi abangazigqoki izifonyo futhi lokho kuyangikhathaza,” kusho uJohannes.
“Ngisebenzisa isifonyo esingikhuthaza ukuthi ngizijwayeze ukuziqhelanisa nabantu futhi sihehe ukubukwa ngabantu. Abantu abagqoka amasudi bayangimisa ukuze ngithathe izithombe nabo.”
Uthe, ubecelwa ngabantu ukuba bashuthe naye kodwa abanye bebemgcona.
“Ngiyabatshela ukuthi nabo kumele baqhamuke namasu okuqamba izifonyo zabo. Inhloso ukubona wonke umuntu egqoke isifonyo futhi ehlale ephephile,” kusho uJohannes.
Uthe, uma egqoke isifonyo sakhe uyakwazi ukuphefumula kalula futhi aphinde akhulume nakumakhalekhukhwini wakhe.
“Abanye abantu bathi isifonyo sibukeka singaphephile kodwa angikaze ngithole izimpawu ze-corona. Ngiyakwesaba ukushona futhi ngeke ngiyeke ukugqoka isifonyo sami. Ngifuna ukuphila ngize ngifinyelele eminyakeni eyikhulu,” kusho uJohannes.
UMathapelo Mojanaga uthe, ekuqaleni wayecabanga ukuthi uJohannes usemkhankasweni wokuqeda ukubulawa kobhejane.
Udokotela uTshidiso Mokeki e-Bloemfontein utshele abakwa-Scrolla.Afrika ukuthi lesi sifonyo asibukeki siphephile.
UDokotela Mokeki uthe: “Kubukeka kusesitayeleni, kodwa anginasiqiniseko sokuthi kuyasebenza njengoba ngingazi ukuthi sakhiwa kanjani. Kungaba yisihlungu kakhulu, ikakhulukazi uma ukwazi ukubona imisebe yelanga ngayo. Cishe akuphephile kakhulu.”