Isidumbu sikaBafana Majola ebesilahlekile sitholakele wangcwatshwa ngesizotha

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Isidumbu sikaBafana Majola osekuphele amasonto sinyamalele sitholakele. Ubekwe endaweni yokugcina emathuneni aseVlakfontein ngaseDuduza ngoLwesihlanu.

UMajola udlule emhlabeni ngomhlaka-20 kuNhlangulana esibhedlela sasePholosong ngemva kokutholakala ukuthi une-TB. Isidumbu sakhe sasuswa emakhazeni asesibhedlela sayiswa endlini yomngcwabo ozimele yilungu lomndeni, kodwa umndeni awukwazanga ukukhokhela izindleko zomngcwabo.

Ngosizo lomnikelo womphakathi, umndeni ukhokhele umngcwabi ozimele wabe esehambisa isidumbu sikaMajola ePhumlani Funeral Services, okuyinkampani enikezwe inkontileka nguMkhandludolobha wase-Ekurhuleni ukuthi iqhube imingcwabo yabampofu.

Kwaphela amasonto amathathu umndeni ungazi ukuthi isidumbu sikuphi, njengoba ubungatholi lutho oluvela kumngcwabi futhi ungazi ukuthi umngcwabo uzokwenzeka nini. 

Bebesaba ukuthi isidumbu silahlekile noma singcwatshwe ngephutha kwenye indawo.

Ngemuva kokuthi iScrolla.Africa ixhumane nomngcwabi kanye neDolobha lase-Ekurhuleni, umngcwabi ugcine efinyelele emndenini.

Ubabekazi kaMajola, u-Emma Khumalo, uthe batshelwe ukuthi kunephepha elilahlekile elidale ukubambezeleka kodwa latholakala sebeqalile ukuphenya.

“Ngimangele ukuthi bahlulekile ukusazisa ngokubambezeleka nokuthi leli phepha livele kanjani ngendlela eyisimanga ngesikhathi sithatha izinyathelo. Umngcwabo bawuhlelele uLweSihlanu emathuneni aseVlakfontein,” kusho uKhumalo.

Umndeni ubungavunyelwe ukubona isidumbu noma umngcwabo udlule ngasekhaya, njengoba kuyisiko lase-Afrika. 

Nokho “Ngikhululekile ngokuthi ugcine ebekwe endaweni yakhe yokugcina,” kusho uKhumalo.

Umholi womphakathi, uMnuz Simphiwe Maphanga osize ekuqoqweni kwezimali zomngcwabo, unxuse abahlinzeki bezinsizakalo abanenkontileka kumasipala ukuthi bahloniphe abantu abahlwempu nabaswele.

“Isidumbu ngeke silale emakhazeni isikhathi esingaka ngaphandle kokuthi umngcwabi abikele umndeni ngokubambezeleka. Sitshelwe ukuthi isidumbu besisesimweni esibi, yingakho umndeni ungekwe ukwazi ukusibona,” kusho uMaphanga.

“Abahlali bethu abahlwempu bafanelwe ukuphathwa ngesithunzi, futhi akufanele banganakwa ngoba kufuneka inzuzo.” 

Esithombeni esingenhla: UBafana Majola ubekwe endaweni yakhe yokugcina emva kokuba umndeni ungazi ukuthi isidumbu sakhe sikuphi isikhathi eside.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva