Moyahabo Mabeba
Sekuphele izinyanga ezingu-13 singangcwatshwa isidumbu sikaNanikana Mogashoa (29) owashiswa yisoka lakhe ngenxa yokungaphumi komphumela wophenyo wolibofuzo.
Kusolwa ukuthi mhla ziwu-15 kuZibandlela ngo-2019, uLucky Mokoena naye ongasekho owayeyisoka likamufi wahlasela uNanikana ngesikhathi besekhaya labo e-Riba Cross village e-Ga-Sekhukhune esifundazweni sase-Limpopo lapho amshaya khona waphinde washisa nomuzi.
UMokoena naye washa ngesikhathi kuqubuka umlilo wabe esephuthunyiswa esibhedlela i-Dilokong lapho afika washonela khona ngenxa yezinhlungu nokusha kanzima.
Umshana kaNanikana, uCalvinia Mogashoa, owafika kuqala endaweni yesigameko, uthe babikelwa umakhelwane owabatshela ukuthi umuzi wakwaMokoena uyasha.
“Asibanga sisapholisa maseko, ngoba sasazi ukuthi umamncane usemzini wakwaMokoena,” kusho umshana.
“Sathi sifika sathola uLucky eginqika phansi ezama ukucisha ilangabi emzimbeni wakhe. Wayesezinhlungwini kodwa ngangikhathazeke ngomamncane wami. Sahluleka ukungena endlini ngoba umlilo wawusuvutha kakhulu. ULucky waphuthunyiswa esibhedlela ngumalume wakhe.”
Umama kaNanikana, uMonica Mogashoa, uthe namanje isamfikisela ngesibibithwane indaba yokushona kwendodalazi yakhe.
“Ngiyazibuza ukuthi ngizoyingcwaba nini indodakazi yami ngoba lokhu kuthatha isikhathi eside kakhulu. Ngidinga ukuphola emoyeni ngiqhubeke nempilo yami. Ngiyacela uhulumeni angenelele kulolu daba ngoba amaphoyisa awazange angisize. Bahlezi besithumela ezindaweni ezahlukene kwesinye isikhathi sebevele bazibe izingcingo zami,” kusho umama kamufi.
UMogashoa uthe akazi nokuthi isidumbu sendodakazi yakhe sikuphi.
“Kwesinye isikhathi bangitshela ukuthi isidumbu sakhe sisemakhazeni kahulumeni e-Lebowakgomo kwesinye isikhathi babuye bathi sisePitoli.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe kunesikhala esikhulu sokusalela emuva komsebenzi emakhazeni kahulumeni okubangela ukubambezeleka kokukhishwa kwemiphumela yolibofuzo.