Lungani Zungu
Ngesikhathi uNolwazi Ngcobo eduka ngesonto eledlule, umama wakhe uThandi wanamathela ethembeni lokuthi indodakazi yakhe izobuyiselwa kubo eNanda, isaphila futhi ingenamyocu.
Kodwa amathemba akhe ayengelutho. Isidumbu sikaNolwazi ebesingenampilo sitholwe sinamanxeba okugwazwa ehlathini eliseduzane ngoLwesibili. Wayegoqene kuhle kombungu esibelethweni sikamama. Izingubo zakhe ezazigcwele igazi zazikhombisa ukuthi wagwazwa waze washona.
Umama ososizini wengane eneminyaka engama-22 uthe namanje usashaqekile.
“Angikwazi ukukhuluma okwamanje,” etshela i-Scrolla.Africa.
Umngani kaNolwazi uNokuthula Mkhize uthe isithombe somzimba wakhe ongasenampilo sizohlala njalo enqondweni yakhe kuze kube phakade.
“Bengingazi ukuthi okokuqala ngibona isidumbu, kuzoba ngesomngani wami.”
Umphakathi wonke waseNanda ubambane ngezandla ucinga uNolwazi.
“Sicinge yonke indawo. Ngesikhathi singamtholi, saqala ukucinga ehlathini,” kusho uNokuthula.
Umakhelwane kaNolwazi uNomaswazi Hlongwane ucele ukuthi kube namaphoyisa amaningi eNanda.
“Ngisho noNgqongqoshe uBheki Cele uyazi ukuthi ubugebengu buphezulu lapha, kodwa akukho okwenziwayo ukunqanda ubugebengu,” esho.
“Njengezinye izingane ezincane zeminyaka yakhe ubengeyona ingelosi, kodwa ubehlonipha.”
UMnuz uThabani Khumalo, oyinhloko yeforamu yamaphoyisa omphakathi, uthe benza konke okusemandleni ukunqanda ubugebengu kule ndawo.
“Sidinga abantu abaningi ukujoyina iforamu yethu ukuze sikwazi ukumboza lonke ilokishi laseNanda.”
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbele usiqinisekisile lesi sigameko.
“Kuyaphenywa ngezimo ezithinta lesi sigameko.”
Uthe akukaboshwa muntu.