Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Isidumbu esishile sitholwe emgodini lapho amasela akhele khona umlilo onqamule ugesi elokishini lonke.
Abanye abasolwa basesibhedlela bashile kanti izakhamuzi zishise indawo abebecashe kuyo.
Amaphoyisa athole isidumbu esishile sowesilisa okusolwa ukuthi ubentshontshe amakhebuli emgodini elokishini laKwaNobuhle ngemuva kokuthi amakhebuli eshiye yonke indawo ingenawo ugesi.
Isidumbu sitholwe ngoMgqibelo eMabandla Street Bridge, lapho amasela ayezame ukweba amakhebuli ngeledlule.
“Umuntu ubeshe ngendlela yokuthi akwaziwa ukuthi ungubani, umufi akaziwa, kuzokwenziwa ulibofuzo ukuze kutholakale ukuthi ungubani.
“Kusolakala ukuthi umufi ubengomunye wabasolwa abazame ukweba amakhebuli,” kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain André Beetge.
Izakhamuzi ebezithukuthele zigane unwabu zizibambele mathupha ekuqaleni kwesonto.
Bagasele emizini yabantu abebecabanga ukuthi yibo abantshontshayo bashisa umjondolo abathi bebecashe kuwo. Bathi bathole izintambo zethusi lapho.
Abanye abasolwa kumanje balwela impilo yabo esibhedlela njengoba beshile.
“Baqale belashwa esikhungweni sezempilo i-Laetitia Bam CHC [Community Health Centre] abasolwa ngokucekela phansi ngaphambi kokuba bayiswe endaweni ephakeme yokunakekelwa ngenxa yobukhulu bezilonda zokusha,” kusho okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uSiyanda Manana.
Amaphoyisa asebophe oyedwa kuphela kuze kube manje. Umsolwa oneminyaka engu-31 ubudala uzinikele yena kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseKariega ngoMsombuluko.
Ukunqanyulwa kukagesi kushaye kakhulu elokishini. Izikhungo zezempilo eziyisithupha, okuhlanganisa nesibhedlela iLaetitia Bam Day esisebenza amahora angu-24, azikwazi ukusebenza kahle ngaphandle kukagesi.
Esithombeni esingenhla: Isidumbu esimboziwe ngemuva kokutholakala sishile.
Umthombo: Sithunyelwe