Isidlulele kowandulela owamanqamu i-West Ham

Razeen Gutta

Ama-Catalans abengakaze ahlulwe imidlalo engu-15 kwi-trot kuyo yonke imiqhudelwano ngaphambi kokumangazwa u-Eintracht Frankfurt e-Nou Camp ebusuku.

Khonamanjalo i-West Ham idlulele kowandulela owamanqamu e-Europe kusukela ngonyaka ka-1976 ngemuva kokushaya i-Lyon ingekho ekhaya.

I-Barcelona ingene emlenzeni wayo wasekhaya wama-quarter final ngamaphuzu uma sekuhlanganiswe alinganayo. 

Inkundla yase-Spain ibigcwele abalandeli abagqoke ezimhlophe emlenzeni wesibili njengoba kubikwe ukuthi abalandeli base-Frankfurt bafinyelele ku-30,000 ngemuva kokuthenga amathikithi kubasekeli be-Barcelona.

I-Frankfurt isebenzise umfutho wabalandeli yaqala ngamandla ngephenalthi kaFilip Kostic ngomzuzu wesine kwalandela uRafael Borre wafaka elesibili ngaphambi kwekhefu.

UKostic umangaze abasubathi ngemuva nje kwehora njengoba ephinde wagadla ngesikhathi i-Barcelona isacasukile ngenxa yokuntuleka kwe-Video Assistant Referee(i-VAR) emizuzwini edlule.

Lobu buchwepheshe bubukeka bungasebenzanga isikhathi eside ngemuva kokuthi unompempe ethunyelwe endaweni eqashwe ngasohlangothini lwenkundla ukuze athole ukuthinta ibhola ngesandla okwenzeke endaweni yephenalthi ye-Frankfurt.

I-VAR yenze uSergio Busquets walahlekelwa igoli elithathwe njenge-offside sekusele imizuzu eyishumi kudlalwe.

UBusquets uthole igoli sekuzofakwa isikhathi esingeziwe okunikeze i-Blaugrana inhlansi yethemba nokho ngaphambi kokuthi uMemphis Depay ashaye iphenalthi ngomzuzu weshumi wesikhathi esengeziwe ukuze aqhubeke nokujabulisa abalandeli basekhaya.

Isikhathi bese siphelile njengoba impempe yokugcina ikhale ngemuva kwesikhathi iqembu lase-Jalimane linqobe ngamagoli amane kwamathathu sekuhlanganiswe wonke amaphuzu.

Kweminye imidlalo eyandulela owamanqamu i-Leipzig Rangers ne-West Ham banqobe imidlalo ebibalulekile.

I-Leipzig ithuthuke ngemuva kokunqoba ngamagoli amabili eqandeni i-Atalanta ukuze ibathumele kowamanqamu ngamagoli amathathu kwelilodwa.

I-Rangers ishaye i-Braga ngamagoli amathathu kwelilodwa ngemuva kwesikhathi esengeziwe kulandela ukuhlulwa ngegoli elilodwa eqandeni ekuhambeni. 

I-West Ham iqophe umlando ngokunqoba ngamagoli amathathu eqandeni behlula i-Lyon kude nasekhaya okubathumele kowandulela owamanqamu abo okuqala e-Europe eminyakeni engaphezu kwengu-40.

Imidlalo eyandulela owamanqamu izoba ngomhlaka-28 kuMbasa kanye nomhla zinhlanu kuNhlaba.

Umthombo wesithombe: @Goal

Scrolla World Cup Quiz