Libhalwe ngu-Everson Luhanga
- Imvula enamandla neziphepho zicekele phansi izakhiwo e-Toekomsrus, e-Mohlakeng, nase-Randfontein, zashiya imindeni ingenamakhaya namabhizinisi acekeleke phansi.
- Ochwepheshe besimo sezulu baxwayise ngeziphepho ezingase zibe khona kanye nezimvula ezinamandla, beluleka ngezinyathelo zokuqapha nokuphepha kubahlali nabashayeli bezimoto ezindaweni ezithintekile.
Isichotho esinamandla nesiphepho kuhlasele izindawo eziningi e-West Rand sashiya inqwaba yabantu belimele futhi bengenamakhaya nezakhiwo eziningi okuhlanganisa nezindlu zicekeleke phansi.
Phakathi kwalezi zindawo kubalwa i-Toekomsrus, i-Mohlakeng kanye ne-Randfontein e-West Rand kanti imvula enamandla nesiphepho esihlasele kuzo kushiye umkhondo wokucekeleka phansi.
Kubikwa ukuthi abanye abantu balimele, abanye balahlekelwe yimizi yabo.
Lesi siphepho siphinde sasusa uphahla lwezindlu eziningi, sashiya imindeni eminingi ingenamakhaya. Izihlahla zisiphukile kanti eminye imigwaqo iye yavaleka ngemuva kokusiphuka kwezihlahla.
Kuphinde kwacekeleka phansi nezitolo ezinkulu, okudale ukulahlekelwa okukhulu kosomabhizinisi nabanikazi bezakhiwo. Imfucumfucu ibisakazeke yonke indawo, abantu bebukele bemangele futhi bengakholwa.
Omunye wabahlali base-Toekomsrus uthe: “Uphahla lwendlu yami lupheshulwe yimimoya enamandla. Umoya ubunamandla futhi bese ngisaba ngithi abantu bazoshona.”
ULehlonolo Thobela we-South African Weather Service uthe: “Kube nokuduma kwezulu okunamandla kanye nesichotho endaweni. Lokhu kuduma kwezulu okubi kuholele ekutheni kube nesiphepho esinamandla. Amavidiyo ebesilokhu siwahlola akhombisa isiphetho kanye nokusiphuka kwezihlala. Sisazohlola sibheke ukuthi kube izinga elingakanani uma sekuhlonzwe ububanzi bomonakalo.
I-South African Weather Service nayo isikhiphe izixwayiso mayelana nezimo zezulu eziphazamisayo ezifanayo KwaZulu-Natal, eGoli, eMpumalanga nase-Eastern Cape.
Izakhamizi ziyaxwayiswa ukuthi ziqaphele isimo sezulu, kanti abashayeli baxwayiswa ukuthi bagweme amabhuloho aphansi uma imvula ina.
Esithombeni esingenhla: Izindlu ezicekeleke phansi ngenxa yesichotho e-Toekomsrus.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe