Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Isichotho esihambisana nomoya onamandla, nokuduma kwezulu kushiye abantu abane beshonile eBushbuckridge, eMpumalanga, ngeSonto ebusuku.
Lesi siphepho siphephule uphahla kwadilika izindonga, kwalimala imizi nezikole okungaphezu kuka-500 kule ndawo.
IPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uDkt Reginah Mhaule esitatimendeni ngoLwesibili ekuseni uthe zingaphezu kuka-30 izikole ezilimele.
Uthe isichotho siphinde sabeka engcupheni izivivinyo ezikoleni zamabanga aphezulu ezingu-10 ezikhahlamezeke kakhulu.
“Ngiyasincoma isenzo esisheshayo sezikhulu zesifunda, ezigweme inhlekelele ngoMsombuluko ngokuvikela izivivinyo zikaMatikuletsheni, eziqhubeke njengoba bekuhleliwe,” kusho uMhaule.
“Amagumbi okufundela amabanga aphansi abengathintekile asetshenzisiwe kwezinye izikole, kodwa ngaphezu kwakho konke, sibonga umusa wamasonto ethu, anikele ngezakhiwo zawo ukuba zisetshenziselwe izivivinyo.”
Esikoleni i-Goddie High School abafundi baMatikuletsheni kudingeke ukuthi bathuthelwe esontweni eliseduze ukuze babhale izivivinyo zabo ngoLwesibili.
UMhaule unxuse imiphakathi ukuthi ibike uma kukhona umonakalo odalekile, igweme ukuwela imifula, futhi ibheke ngeso lokhozi izindaba ezivela kwabesimo sezulu.
“Sizosebenzisana neminye iminyango kahulumeni wasekhaya ukuqapha isimo nokweseka imindeni ethintekile. Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe yizihlobo zayo nalabo abalahlekelwe yimpahla,” kusho yena.
NgeSonto, iSouth African Weather Service ikhiphe isexwayiso esiphuzi esigabeni 2 mayelana nokuduma kwezulu okunamandla, ukubikezela isichotho, umoya olimazayo, kanye nemvula enamandla ezifundazweni eziningi, okubalwa iMpumalanga neLimpopo.
Cishe zingu-12 izigodi zaseNkomazi ezithinteke kanzima, kanti isiphepho esinamandla sihlasele omasipala abathathu esifundazweni.
Ugesi unqanyuliwe, futhi eminye imigwaqo akungeneki kuyo.
Izindawo ezithintekile zihlanganisa iXimhungwe, iThulamahashe, iCottondale, iMaripe, iShatale, neMaboke.
Esithombeni esingenhla: Uphahla lwaseGoddie High School lupheshulwe umoya onamandla ngeSonto ebusuku.
