Dylan Bettencourt
U-Oscar Pistorius, owagwetshwa iminyaka eyisithupha ejele ngonyaka wezi-2014 ngokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp, uzohlangana nabazali bakaReeva njengoba kuqhubeka uhlelo lwakhe lokukhululwa ngoshwele.
Lo msubathi oneminyaka engama-34, uthi wayecabanga ukuthi intombi yakhe iyisigebengu esigqekezayo wabe eseyidubula isendlini yokugezela emzini wakhe ePitoli. UPistorius wadubula ngezinhlamvu ezine emnyango okhiyiwe, kwashona uReeva owayeneminyaka engama-29.
Ngemuva kokuqulwa kwecala isikhathi eside, inkantolo yamgweba iminyaka eyisithupha ejele ngecala lokubulala. Nokho, ngemuva konyaka, uPistorius watholwa enecala lokubulala futhi isigwebo sakhe sanyuka saba yiminyaka eyi-13 nezinyanga eziyisithupha.
Lo msubathi odumile wama-Paralympic ucatshangelwa ukuthi aphume ngoshwele ngemuva kokudonsa ingxenye yesigwebo sakhe.
UMnyango wezokuhlunyeliswa kwezimilo uthe usebenzisana nomndeni wakwaSteenkamp ukuze bahlele umhlangano nalo msubathi.
Lokhu kuyingxenye yalokho umnyango okubiza ngokuthi “inqubo yobulungiswa bokubuyisela esimeni,” lapho abenzi bobubi kufanele “bavume futhi bazibophezele ngezenzo zabo”.
Ummeli womndeni wakwaSteenkamp, uTania Koen, uthe umndeni uzovumeleka ukuthi uhlangane noPistorius “enkulumweni enezisulu”.
“Umama kaReeva, uJune ubehlale ethi usemxolele u-Oscar, nokho lokho akusho ukuthi akumele akhokhele akwenzile. Ubaba kaReeva uBarry ulwa nalokho, kodwa lokho kuzomele akhulume ngakho ngesikhathi esifanele, “kusho uKoen.
Ummeli wengeze ngokuthi nakuba sekudlule isikhathi eside kwenzeka isigameko, lesi sigameko sisebuhlungu emndenini wakwaSteenkamp.
Uma lowo owake wazuza indondo yegolide enikezwe ushwele, uzosichithela sonke isigwebo sakhe ekhaya futhi kufanele abikele izikhulu zejele njalo.
UPistorius, ongomunye wabasubathi bama-Paralympic abahamba phambili owake wakhona, uqophe umlando ngonyaka wezi-2012 ngesikhathi eba umsubathi wokuqala ongakwazi ukungenela ama-Olympics egijima “ngama-blades” okufakelwa.
Lo mgijimi onezindondo zegolide eziyisithupha zama-Paralympic, wanqunywa imilenze emibili enezinyanga eziyi-11 njengoba azalwa engenawo amathambo aqinile.
Umthombo wesithombe : @TimesLIVE