
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Injabulo ibiphezulu kubasubathi bakuleli ngesikhathi bebona uWayde van Nikerk ophethe irekhodi lomhlaba ku-400m ebuya kwezokusubatha ngemuva kweminyaka eyisithupha.
UVan Niekerk wazakhela udumo kuma-Olympic Games e-Brazil ngo-2016, kodwa walimala ngesikhathi bedlala umdlalo wosaziwayo i-touch rugby eKapa.
Ngesikhathi ongumpetha u-Usain Bolt eyeka kwezokusubatha, uVan Niekerk waba intandokazi ngokuthola izindondo emijahweni ka-100m kanye no-200m.
Ukulimala kwakhe i-meniscus kanye nemisipha kwi-anterior cruciate, ngokushesha kwamkhipha kuma-Commonwealth Games e-Gold Coast, e-Australia ngo-2017.
Noma esehlinzwe idolo ngempumelelo, uVan Niekerk uthe kwakunokungabaza eminyakeni edlule ukuthi uzophinde abuyele esigabeni somhlaba kwezokusubatha.
“Kunezinsuku lapho ngangicabanga ukuthi ngeke ngibuye.”
Kodwa umangaze umhlaba ngesikhathi ewina umjaho ka-400m kwi-Diamond League e-Oslo ngoLwesine ebusuku.
Phambi komkakhe, indodakazi kanye nomndeni wakhe ehlobo lase-Norway, uVan Niekerk ushaye irekhodi lika-44.38 elingasondelene neze nerekhodi lakhe lomhlaba elingu-43:03.
“Ukugijima izikhathi ezisheshayo ezimeni ezimbili ezihlukene, okuyindawo ebiphakeme nendawo enesimo sezulu esingesihle ngikusebenzisa njengokuya phambili njengoba ngithuthuka kancane kancane,” kusho umpetha womhlaba.
UVan Niekerk ohlanganisa iminyaka engu-31 ngenyanga ezayo ushaye umpetha wase-Afrika, uMuzala Samukonga wase-Zambia okuyena oshaye isikhathi esisheshayo esingu-43:91 ngo-2023.
“Angicabangi ukuthi abantu bayaqaphela ukuthi lo mjaho unzima kangakanani ngokomzimba nangokwengqondo, kungithathe isikhathi iside ukuze ngilulame ngibuye ngizokhombisa umhlaba ukuthi angikakafiki lapho okufanele ngibe khona, kodwa ngizofika ,” kusho uWayde Van Niekerk engxoxweni ngemuva komjaho.
Ngasekuqaleni konyaka umsubathi wakuleli oyintandokazi uqophe irekhodi lika-44:17 e-Potchefstroom, okuyirekhodi elimangalisayo ngesikhathi esingu-11:04.25 ku-100m.
Isithombe esingenhla: UWayde van Niekern ubuyela efomini ngaphambi kwe-World Champ e-Budapest
Umthombo: I-Diamond League