
Dylan Bettencourt
Njengoba sekusele imidlalo eyisishiyagalombili okumele bayidlale i-Manchester City ne-Liverpool ihlukaniswe iphuzu elilodwa.
Ukubhekana kwalamaqembu amabili kungase kunqume ukuthi ngubani ozophakamisa indebe ye-Premier League ekupheleni kwesizini – ophumelele emdlalweni ngokuqinisekile uzozizwa eseseduze ukuphakamisa indebe.
I-Manchester City kanye ne-Liverpool sekuphele amasizini ambalwa behamba phambili kwi-Premier League kanti nalena akukho okuhlukile.
Womabili la maqembu asedlale imidlalo engu-30 iphuzu elilodwa eliwahlukanisayo, kanti konke kuzocaca uma sebebhekana ngempelasonto.
Noma ngabe awukho umdlalo omkhulu ebholeni lamaNgisi njengokungqubuzana phakathi kwala maqembu womabili ebanga isicoco se-Premier League ungase ube njengomunye okhumbuleka kakhulu eminyakeni yakamuva.
I-Manchester City izoba phezulu njengoba idlalela ekhaya, kodwa i-Liverpool izozizwa idinga ukuziphindiselela ngokuhlulwa ngesizini edlule.
Womabili la maqembu asefomini encomekayo futhi abukeka efanelwe ukuwina indebe kodwa munye kuphela ongaphuma enqobile ekupheleni kukaNhlaba.
Lo umdlalo abazobe bewubheke ngamehlo abomvu! Umdlalo uzoqala ngehora lesihlanu nesigamu ntambama ngeSonto, uzodlala bukhoma kwi-DStv channel 203.
➤ Ngemuva kokuthatha ikhefu lesonto kulandela izimpelasonto zomjaho ezimbili ezilandelanayo, i-Formula 1 isibuyile nomjaho e-Australia.
Abalandeli baseNingizimu Afrika kuzomele bacuphe amawashi abo njengoba umjaho uzoqala ngehora lesikhombisa ngeSonto ekuseni.
Umbango we-Ferrari ne-Red Bull uzophinde uvuke njengoba womabili la maqembu ebheke ukuthola inzuzo ngisho nasekuqaleni kwesizini.
Njengoba womabili amaqembu ezidla ngokunqoba okukodwa kwe-Grand Prix ngalinye umjaho wase-Melbourne uzonikeza abalandeli ithuba lokubona ukuthi ubani ongase abe intandokazi yokuphakamisa umqhele.
I-Saudi Arabia ikhombise ikhono elimangalisayo lokugijima kwezimoti ezintsha kanye nethrekhi yase-Melbourne enezindawo ezine ze-Drag Reduction System (i-DRS) – abalandeli basemjahweni ovusa umuzwa omkhulu kakhulu.
Umjaho wesithathu uzobonakala bukhoma kwi-DStv channel 215 ngoehora lesikhombisa ekuseni.
➤ Isivivinyo sesibili nesokugcina phakathi kwama-Proteas ne-Bangladesh sizoqala ngoLwesihlanu lapho abasubathi bebheke ukuvikela uchungechunge lwama-Test ngemuva kokulahlekelwa uchungechunge lwe-ODI.
INingizimu Afrika inqobe isivivinyo sokuqala ngama-run angu-220 futhi izothemba ukuthi ubukhona kwayo kuzoqhubeka e-Port Elizabeth.
I-St. George’s Park izosingatha ukuhlolwa kokugcina phakathi kwezinhlangothi zombili okuhlelwe ukuthi kuqale ngoLwesihlanu mhla ziyisishiyagalombili kuMbasa kuze kube uLwesibili ngomhlaka-12 kuMbasa.
Umdlalo wangoLwesihlanu uzoqala ngo-10 ekuseni kanti uzodlala bukhoma kwi-DStv channel 212.
Umthombo wesithombe: @TheIndependent