Isibuyile i-Kaizer Chiefs ngemuva kokungadlali amasonto amabili ngenxa yokubheduka kwe-Covid-19 eqenjini labo

Menzi Magubane

I-Kaizer Chiefs iqoqe amaphuzu amathathu ibuya “ekhefini lokugula” ngemuva kwamasonto amabili ihlula iSekhukhune United ngamagoli amabili eqandeni emdlalweni we-DStv Premiership ngeSonto ebusuku.

Amakhosi abesehlale amasonto amabili engadlali umdlalo wokuqhudelana ngemuva kokubheduka kwe-Covid-19 kwisikwati sabo ekhempini. 

U-Arthur Zwane ubambe izintambo ku-Chiefs njengoba iningi labadlali beqembu lokuqala bephumile, okubalwa nomqeqeshi uStuart Baxter. UZwane uphoqeleke ukuthi enze izinguquko eziyisithupha eqenjini elihlule i-Swallows emasontweni amabili edlule.

Ukuwina kwangeSonto kubenze baqhwakela endaweni yesibili besuka endaweni yesithupha okubaholele ekutheni bedlule izimbangi zabo zase-Soweto i-Orlando Pirates.

La maphuzu amathathu azosiza Amakhosi uma kwenzeka izinto zingahambi ngendlela ngemuva kokuphuthwa imidlalo yawo emibili edlule ngaphandle kokuthola imvume kuligi.

NgoMsombuluko i-Chiefs ingase ibe nombono omncane ngokuthi yini engenzeka kuyona ngemuva kokuphuthelwa imidlalo ibhekene ne-Cape Town City ne-Golden Arrows. Kulindeleke ukuthi usihlalo we-Premier Soccer League (i-PSL) udokotela u-Irvin Khoza akhulume nabezindaba ngezinto eziningi.

Kulindeleke ukuthi kubhungwe ngemidlalo emibili ye-Chiefs “ehlehlisiwe”. I-PSL isazoyiphendula incwadi ethunyelwe Amakhosi ngoLwesihlanu olwedlule, lapho ecele ukuthi imidlalo yawo emihlanu ihlehliswe.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi i-Chiefs ihlolwe kwatholakala ukuthi amalungu angama-36 eqenjini ane-Covid-19.

Kulindeleke ukuthi uKhoza akhulume ngalezi zigameko zombili nokuthi i-Chiefs izowashaya indiva noma cha amaphuzu aleyo midlalo.

UKhoza angase adingide ngodaba lwezikhala ezingenamuntu eqenjini. UNande Becker wesulile esikhundleni sakhe ekupheleni kwenyanga kaLwezi kanti umsebenzi wakhe awukaqedwa.

Lowo owayengumshushisi weligi uZola Majavu kuke kwavela ukuthi ubuyela kulesi sikhundla, kodwa kuze kube manje akukaqinisekiswa.

Izihloko zakamuva