Isibuyekezo seNokia 02-4G

Umakhalekhukhwini omusha we-Nokia ye-02-4G usuthuthuke kakhulu ngoba “wenzelwe ukumelana” nokuwa ngephutha kwansuku zonke.

Unamandla anele wokusebenza usuku lonke ngezici zakamuva zokonga ibhethri njengoba inebhethri elingu-3,000mAh elikhiphekayo elikuvumela ukuthi ube namahora amaningi okukhuluma nokudlala.

Abakwa-Nokia bafake kuphela izinhlelo zokusebenza ezidingwa ngamakhasimende, okuvumela ukuba nesikhala esikhulu sokufaka okuthandayo futhi kwenza uhlelo lwedatha yomakhalekhukhwini luqhubekele phambili.

Lo makhalekhukhwini uza ne-Android 12 (Go edition) yakamuva ukuze uthole umuzwa osheshayo, nohlakaniphile. I

Uphinde ube nezilawuli zobumfihlo ezisobala futhi, okungcono kakhulu iminyaka emibili yezibuyekezo zokuphepha.

Abakwa-Nokia benze i-software ye-Android yabalula ukuze isebenze kahle. Lokhu kukhulula isikhala sokulondoloza futhi konga i-data.

Ikhamera yangemuva engu-5MP ine-LED-flash futhi ithwebula izithombe ezinhle. Ine-mode yokuma ngobude enhle, efiphalisa ingemuva, kanti isici sokuhlobisa singasiza ukwenza izithombe zibe ngcono. Kukhona ne-mode yokudlula isikhathi ewusizo.

Ikhamera ye-selfie yangaphambili iyi-2MP ehloniphekile phezulu kwesikrini esingu-5.45-inch.

Ayakhelwe kuphela ukumelana nokuhlolwa kwesikhathi, ine-Bluetooth, i-wi-fi, i-jack yama-headphone engu-3.5mm futhi inesisindo esingu-191g nje.

Izihloko zakamuva