Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
UBongani Baloyi onguSihlalo weqembu esifundazweni saseGoli wesulile kwi-ActionSA.
I-Scrolla.Afrika siyaqonda ukuthi ukwesula lwakhe kungenxa “yokonakala okungenakulungiseka” ebudlelwaneni bokusebenzisana phakathi kukaBaloyi neqembu mayelana nokusebenza kohlaka lwaseGoli kanye nokubhidlika kobudlelwano bokusebenzisana phakathi kwakhe nomsunguli we-ActionSA uHerman Mashaba.
UBaloyi owayeyiMeya ye-DA e-Midvaal uzomemezela izinhlelo zekusasa lakhe esithangamini sabezindaba esizoba e-Sandton ngokuhamba kwesikhathi ngoMsombuluko.
I-ActionSA isemkhankasweni wokuzibeka kabusha njengelinye lamaqembu ahamba phambili kumfelandawonye oholwa i-DA komasimapala baseGoli, Ekurhuleni kanye nase-Tshwane.
Lokho kulindeleke ukuthi kuqale ngokuvotela uSomlomo wase-Tshwane ngoMsombuluko.
Kulolo khetho umfelandawonye we-DA weseka uKholofelo Morodi we-ActionSA.
Njengamanje uMorodi ungusihlalo wekomiti lokusebenza kwezimali kumasipala (MPAC) futhi kulindeleke ukuthi athathe izintambo zokuba uSomlomo uma ekhethwa.
Isikhundla sikaSomlomo sivuleke ngasekuqaleni kwale nyanga ngesikhathi uMrunwa Makwarela eqokwa njengemeya yesigungu esiphezulu ngemuva kokusuka kumfelandawonye we-DA ne-ActionSA waya kumfelandawonye we-ANC ne-EFF lapho afike waba imeya khona.
UMurunwa Makwarela wesule esikhundleni sokuba imeya yase-Tshwane ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yaseGoli ePitoli iveze ukuthi isitifiketi sakhe sokuhlunyeleliswa kwezikweletu singumgunyathi.
Kusukela lapho umasipala wase-Tshwane ubungenawo uSomlomo noma iMeya.
Umkhandlu uzohlala ukuze ukhethe usomlomo walo masipala ngoMsombuluko.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, umholi we-ActionSA uHerman Mashaba akakwazanga ukuqinisekisa noma ukuphika ukuthi uMorodi uzoqokwa njengosomlomo yini emhlanganweni womkhandlu wangoMsombuluko.
UMashaba uthe abantu bazokwazi ngesikhathi somhlangano womkhandlu ukuthi ukhona yini ozomela i-ActionSA. “Sekusele amahora ambalwa kuphela. Njengabezindaba niyamenywa ukuthi nihambele umhlangano womkhandlu,” esho.
Esithombeni esingenhla: UBongani Baloyi
Umthombo wesithombe:Twitter