Isibibithwane emphakathini kushona uDeborah Fraser (1966-2022)

Sizwe Sibiya

“Ngibona sengathi igalelo lami emculweni alibanga yize. Ngithotshisiwe yilolu dumo lweqiniso.”

Lawa kwakungamazwi ashiwo inkakha yomculi engasekho uDkt Deborah Fraser ngemuva kokuhlonishwa ngeziqu ze-PhD ze-Sacred Music e-Christian Leadership Academy ngoLwezi nyakenye. 

UFraser owazalwa mhla ziyisishiyagalolunye kuNhlangulana ngonyaka ka-1966 ngesikhathi sobandlululo kwadingeka abhekane nobunzima bokukhulela KwaMashu eThekwini.

Kodwa ukuya esikoleni esihlonishwayo samabanga aphezulu i-Ohlange eNanda kwanika umculi wengoma ethi Abanye Bayombona ithemba lokuthi uzoba sohlwini lwabaculi abanohlonze abazoshintsha umculo,” etshela i-Drum nyakenye.

Ngemuva kokuphothula umatikuletsheni ngonyaka ka-1984 esikoleni esasungulwa ngumsunguli we-ANC ongasekho uJohn Langa Libalele Dube uFraser walibangisa eGoli eneminyaka engu-19.

Waqala ukucula njengomculi osekela inqwaba yabaculi baseMzansi ababedumile ngaleso sikhathi njengoBrenda Fassie ongasekho kanye neqembu lesichathamiya i-LadySmith Black Mambazo.

Ngo-2000 wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala kwangu-18 enesihloko esithi Abanye Bayombona eyamtholela isivumelwano sokuqopha ne-Universal Music. Ngokuhlanganyela kubikwa ukuthi badayise izigidi zamakhophi ama-CD.

Wayengadumile ngamahlazo kodwa ngo-2008 uFraser waba sematheni ngemuva kwesehlukaniso sakhe nomfundisi wase-Nigeria uSockey Okeke ngemuva konyaka beshadile. Ukwehlukana kwakungenxa yezinsolo zokuhlukunyezwa uFraser ayekubekezelele.

Ngisho nangemuva kokubhuntsha komshado wakhe uFraser owayesanda kuba neminyaka engamashumi amane waqhubeka nokukhipha ama-albhamu awine ngawo ama-SABC Crown Gospel Music Awards, ama-SA Music Awards nama-Kora Music Awards namanye ambalwa.

NgoMbasa uMzansi ushaqekile ukubona lesi sihlabani somculo sihamba ngesihlalo esinamasondo ngemuva kokulaliswa esibhedlela ngoNhlolanja inyanga yonke.

“Akasithembisanga impilo elula, kodwa wathi nasebunzimeni uzoba nathi,” lo umyalezo uFraser awubhale ku-Facebook wakhe mhla zinhlanu kuNhlaba.

NgoLwezi nyakenye ekhuluma ne-Drum ngemuva kokuhlonishwa uFraser wathembisa abalandeli ukuthi uzokhipha i-albhamu entsha kulo nyaka.

Kodwa ngokudabukisayo  ngeSonto ngomhlaka-15 kuNhlaba le nkakha yomculi we-African Gospel ishone ngokukhulu ukuzuma emzini wakubo eGoli ngaphambi kokuba akhiphe i-albhamu ayekade eyithembisile eneminyaka engu-56.

“Ngokukhulu ubuhlungu sinazisa ngokudlula emhlabeni kukamama wethu esimthandayo, udadewethu, ubabekazi kanye nomngani wethu, nomculi wezokholo uDkt. Deborah Fraser kulandela ukugula isikhashana,” ngokusho kwesitatimende esikhishwe umndeni wakhe ekhasini lakhe ku-Facebook.

“Ushone ngeSonto ngoMhlaka-15 kuNhlaba emini kukhona umndeni wakhe nabangani.”

Ushiye emhlabeni indodana yakhe uSelwyn Fraser ongumyeni kaNomcebo Zikode.

Lala ngokuthula Dr Deborah Fraser.

Scrolla World Cup Quiz