Isibhicongo kweyenzeke emgwaqeni u-R56 

Lubhalwe nguZavela Makwabe

Ingozi eyenzeke emgwaqeni u-R56 ngaphandle kwase-Matatiele e-Eastern Cape ixoxa indaba yomuntu obesehlangothini okungelona lomgwaqo ngesikhathi esingafanele.

Lokhu kushiwo uMnyango wezokuThutha kulesi sifundazwe ngemuva kwengozi eyenzeke ku-R56 edlule nomphefumulo oyedwa kwalimala abangu-14.

Iziphathimandla zithi ingozi eyenzeke ngoLwesibili ekuseni yenzeke ngesikhathi iloli lidlula ibhasi lishayisana neveni ebithwele abantu abathathu iqhamuka ngase-Matatiele.

Umshayeli weveni ushonele endaweni yesigameko.

Okhulumela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi e-Eastern Cape u-Unathi Binqose uthe ibhasi ebelithwele abagibeli abangu-31 liphinde lashayisa iloli. Abantu abangu-13 okuhlanganisa nomgibeli weveni baphuthunyiswe esibhedlela i-Taylor Bequest ukuze belashwe kanti abezimo eziphuthumayo bathe balimale kanzima.

UBinqose unxuse abashayeli ukuthi baqaphele.

“Kubuhlungu kakhulu ukubona abantu bethola ukulimala okubi kakhulu futhi belahlekelwa izimpilo zabo ezingozini.”

Esithombeni esingenhla: Izinsalela zengozi eyenzeke ku-R56

Umthombo wesithombe: Department of Transport

Izihloko zakamuva