Isibhicongo kweye-Afcon

Dylan Bettencourt

 

Kushone abalandeli bebhola abayisishiyagalombili kubalwa nengane ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokuthi i-Cameroon iwine ngo 2-1 enkundleni yezemidlalo i-Paul Biya, e-Cameroon.

Kulimale abalandeli abaningi njengoba kuvele amavidiyo abeveza abalandeli bezama ukungena enkundleni.

Kuthiwa imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) kumele isingathe u-80% wabalandeli ngenxa yemithetho ye-Covid-19 kodwa abaphathi bezemidlalo bathi babalelwa kwabangu-50 000 abalandeli abazame ukungena enkundleni esingatha abantu abangu-60 000.

I-Confederation of African Football (CAF) ikhiphe isitatimende esithi okwamanje basaphenya ngalesi simo futhi basazama ukuthola eminye imininingwane ngokwenzekile.

Lesi sibhicongo senzeke ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo, kodwa izindaba azifikanga enkundleni kwaze kwaphuma imibiko ezinkundleni zokuxhumana. Umdlalo wesigaba somkhumulajezi uye waqhubeka yize bekunesimo esishubile ngaphandle kwenkundla.

Inkundla esingathe umcimbi wokuvula, yakhelwe umqhudelwano walo nyaka we-Afcon.

Isibhedlela sendawo sikuqinisekisile ukuthi samukele abantu abangu-40 abalimale kulesi sibhicongo.

“Abanye abalimele basesimeni esibi. Kuzofanele sibakhiphe sibayise esibhedlela esikhethekile,” kusho u-Olinga Prudence, ongumhlengikazi esibhedlela.

Iqembu lesizwe lakuleliyazwe linqobe ngamagoli amancane uma kuqhathaniswa nokuthi i-Comoros ibidlala okokuqala kwi-Afcon futhi inabadlali abangu-11 kuphela ababedlala.

Ukwenza izinto zibe zimbi kakhulu, isizwe esisesiqhingini sidlale nomdlali wasemuva emapalini futhi sikwazile ukugcina umdlalo. Baze bathusa i-Cameroon ngesikhathi ishaya elinye lamagoli omqhudelwano nge-free kick.

I-Cameroon isizodlala ne-Gambia kuma-quarter final alo mqhudelwano ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Inkundla yezemidlalo i-Paul Biya izosingatha ozowina emdlalweni ozobe uphakathi kwe-Ivory Coast ne-Egypt kanye nozowina emdlalweni ozoba phakathi kwe-Morocco ne-Malawi. Kulindeleke ukuthi kwandiswe abezokuphepha enkundleni yezemidlalo.

Umthombo wesithombe: @LondonNewsTimes

Izihloko zakamuva