Arthur Greene
Kubulawe abantu abangu-21 esigamekweni esichazwe “njengesibhicongo ebesihleliwe” samaSulumane edolobheni elisenyakatho ye-Ethiopia i-Gondar ngoLwesibili.
Kube nemibiko yokudlwengulwa kwabesifazane, ama-Qur’an ebekwe phezu kwamanye futhi eshiswa kanye nama-mosque eshiswa ekuhlaselweni okwenziwe iqeqebana labashokobezi abangamaKristu abahlome ngezibhamu.
UMkhandlu Wezindaba zamaSulumane wase-Amhara, okuyisifunda lapho i-Gondar ikhona, ubike ukuthi abahlaseli bebeqonde umngcwabo wekhehla eliyiSulumane uSheik Kamal Legas “ngezibhamu ezinkulu namabhomu.”
Indawo ehlaseliwe bekungamathuna ubunikazi bawo osekunesikhathi eside bubangwa ngamaSulumane aleli dolobha namaKristu ase-Orthodox.
Ekuseni ngemuva kwalokhu kuhlaselwa, izinkulungwane zamaSulumane zingene emigwaqeni yenhlokodolobha yase-Ethiopia i-Addis Ababa, kubika i-Addis Standard.
Ababhikishi bebehlangane befuna ubulungiswa ngalokhu kubulala futhi bacele uhulumeni ukuthi anikezele ngesivikelo esithe xaxa kubantu abangamaSulumane.
Esitatimendeni, uMkhandlu Wezindaba zamaSulumane i-Amhara uphinde wanxusa uhulumeni wesifunda ukuthi aqede udlame olubhekiswe kumaSulumane.
AmaSulumane enza cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yabantu base-Ethiopia abangu-115 million, kodwa bayidlanzana elincane esifundeni esisenyakatho ye-Amhara.
Imeya yase-Gondar uZewdu Malede uthe ukuhlasela “kwenziwe ngabantu abambalwa abathanda udlame abangamele imiphakathi yamaSulumane kanye neyamaKristu.”
Umthombo wesithombe: @sajid_nadeem78