Isibhicongo kubulawa amakholwa angu-50

Kamogelo Olaitan

Kubikwa ukuthi amadoda abephethe izibhamu abulale amakholwa angaphezu kuka-50 kwalimala inqwaba yabantu esontweni lamaKhatholika esifundazweni sase-Ondo, e-Nigeria.

La madoda agasele esontweni i-St Francis Catholic Church e-Owo ngeSonto ngesikhathi kunenkonzo aqala adubula ebhekise kumakholwa, ngokusho kofakazi abazibonele abakhulume nabezindaba endaweni.

Ngaphandle kwamakholwa kuthiwa la madoda abulale abebedlula ngendlela abashaywe yizinhlamvu ebezindiza emoyeni.

“La madoda aphinde asebenzisa iziqhumane phakathi enkonzweni kodwa iningi labantu lidutshulwe,” kusho ozibonele.

La madoda abaleke endaweni yesigameko ngokushesha ngemuva kokuhlasela.

Ochungechungeni lwama-tweets umbusi wesifundazwe u-Arakunrin Akeredolu uthe udabuke kakhulu ngokuhlaselwa nokubulawa kwabantu abangenacala.

“Ukuhlasela kukaSathane okubi kuwukuhlasela okungahleliwe kwabantu abathanda ukuthula base-Owo Kingdom abajabulele ukuthula eminyakeni edlule,” ebhala ku-Twitter.

Kunemibiko engaqinisekisiwe yokuthi la madoda aphinde athumba amakholwa amaningi ngesikhathi sokuhlasela e-Ondo.

Ochungechungeni lwama-tweets, uMbusi u-Akeredolu unxuse ukuthi abantu behlise umoya futhi wathi abantu akufanele “bazithathele umthetho ngezandla”.

“Kuzotshalwa abezokuphepha ukuze baqaphe futhi babuyisele isimo kwesijwayelekile e-Owo,” engeza.

Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, i-Nigeria ibe nokwanda kokubulawa kwabantu abaningi ngodlame kanye nokuthumba obekwenzisa ngamaphekula.

Scrolla World Cup Quiz