Isibhicongo kubulawa aboHlanga abangu-10

Dylan Bettencourt

Ibhungu (18) lishayele amahora angaphezu kwamathathu ngoMgqibelo ebusuku liyobulala abantu abangu-10, esigamekweni sokudubula esitolo sokudla e-Buffalo, e-New York State, eMelika.

Izikhulu zomthetho zichaze lesi sigameko njengobugebengu obunenzondo obugqugquzela ukucwasa ngokobuhlanga.

Amaphoyisa abesendaweni yesigameko athe uPayton Gendron usondele esitolo esisendaweni egcwele abantu abamnyama wavulela ngenhlamvu, wadubula abantu abangu-13 sebebonke.

Ukudubula kuze kwaphela ngesikhathi leli bhungu selizinikele emaphoyiseni ngaphandle kwesitolo. UGendron ube esebekwa icala lokubulala kanti uliphikile leli cala.

UKhomishana wamaPhoyisa ase-Buffalo uJoseph Gramaglia uthe abantu abangu-11 kwabangu-13 abadutshuliwe ngaboHlanga.

UKhomishana wengeze ngokuthi uGendron usebenzise ikhamera ukusakaza bukhoma lokhu kuhlasela futhi udubule abantu abambalwa endaweni yokupaka izimoto ngaphambi kokungena esitolo.

Isibhamu esizishintshayo esisetshenziswe ukwenza lesi sibhicongo besibhalwe amagama afana nelithi “n-word” apendwe kuso, kanye nenombolo ka-14, ehambisana nezikhulu zeqembu labashokobezi.

Lesi sigameko siyisigameko esibi kakhulu  esenzeke eMelika kulo nyaka.

NgoMgqibelo uMengameli wase-Melika uJoe Biden uthe: “Noma yisiphi isenzo sobushokobezi basekhaya, okuhlanganisa nesenzo esenziwe egameni lombono onyanyekayo wobuzwe obumhlophe, siphambene nakho konke esikwenzayo eMelika.”

Kuthiwa abaphenyi bazobuyekeza umqulu onamakhasi angu-180 ofakwe kwi-inthanethi omataniswa nesigameko sokudubula.

I-manifesto kubikwa ukuthi ibhalwe egameni likaGendron kanti kulo mqulu uvuma icala lokuhlasela.

Umbhali wali dokhumenti ubhale ngokuncipha kwenani labantu abamhlophe kanye nezimangalo zokushintshwa kohlanga lwabamhlophe.

Umbhali uphinde azichaze njenge-fascist, i-white supremacist kanye ne-antisemite.

UGendron uke wabandakanyeka ezigamekweni zokudubulana phambilini, esabisa ngokubulala ayefunda nabo esikoleni samabanga aphezulu nyakenye.

Akazange abhekane nesijeziso ngezinsongo zakhe kanti esikhundleni salokho wathunyelwa ukuba ayohlolwa impilo yengqondo nokwelulekwa. Ngale kwezinsongo zakhe, ukwazile ukuthenga izibhamu ezintathu.

Umthombo wesithombe: @NewYorkPost

Izihloko zakamuva