Isibhicongo kubulawa abantu eNelson Mandela Bay

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Balinganiselwa kwabayisithupha abantu abadutshulwe babulawa Kwanobuhle e-Kariega, eNelson Mandela Bay.

NgoLwesine ebusuku amadoda amathathu agasele emzini oKwanobuhle avulela ngenhlamvu kwashona abantu abayisithupha kwalimala abane.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe abesilisa badutshulwe esangweni lalo muzi ngesikhathi abanye abayisishiyagalombili bedutshulwa endlini kwashona abahlanu kwalimala abathathu.

“Sebebonke abashonile ngabesilisa abahlanu nowesifazane oyedwa kanti abesilisa abane nowesifazane oyedwa balimele,” esho.

UNaidu uthe kusazocaciswa amagama abo neminyaka yobudala wathi okwamanje imbangela yalesi sibhicongo ayikaziwa.

Lesi sigameko sokubulawa kwabantu abaningi silandele esenzeke ezinyangeni ezinhlanu lapho okwadutshulwa abantu abayisishiyagalombili emzini othile Kwazakhele ngesikhathi kugujwa usuku lokuzalwa.

NgoNhlolanja kudutshulwa kwabulawa abafundi abane basekolishi lendawo ngesikhathi izinkabi ezintathu zidubula emzini othile Kwazakhele.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni sase-Eastern Cape uLieutenant-General Nomthethelele Mene ukugxekile ukubulawa kwabantu okungenangqondo wanxusa umphakathi ukuthi usize amaphoyisa ukuze kuthungathwe abenzi bobubi.

Esithombeni esingenhla: Itheyiphu yesigcawu sobugebengu

Izihloko zakamuva